Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

LUKHULU LUYEZA LUYANYELELA KOWE 150 MASKANDI FESTIVAL YALONYAKA

Posted on 22 September 2024

Uthembisa into yamehlo umsunguli womcimbi kamaskandi i-150 maskandi Festival kulonyaka.

UMnmzane Sihle Cindi ongumsunguli nomhleli walomcimbi waminyaka yonke obanjelwa edolobheni laseMnambithi uthi izinhlelo zalonyaka zalomcimbi zihamba kahle kakhulu futhi ufuna ukubonisa abalandeli bakamaskandi into abangakaze bayibone.

UCindi ozifikile mathupha emahhovisi o-Uthukela News Times uthi bakulungele ukusingatha abathandi bomculo kamaskandi kuloMgqibelo esiya kuwo, “yonke into seyimi ngomumo. Sawabona amaphutha enzeka emcimbini wangonyaka owedlule futhi siyawalungisile kulonyaka. Ezokuphepha zobe ziqinile, kuzobe kukhona amaphoyisa, inkampani yonogada kanye nezigansonso ezizoqapha osaziwayo nabaculi,” kuchaza uCindi.

Ebuzwa mayelana nokuthi umcimbi uzophela sikhathi sini, uCindi uthe bafuna ukuthi lomcimbi uze uphele ekuseni, “sifuna abaculi badlale kuze kuse kulokhu. inkinga esabhekana nayo ngonyaka owedlule umcimbi uphela ebusuku ukuthi iningi labantu alibanga nazo izinto zokuhamba okwadala ukuthi kube khona abayizisulu zobugebengu edolobheni. Kulokhu sinabaculi abenele ukuthi badlale ubusuku bonke. sinabaculi abangu – 20 abakhulu, siphinde sibe nabaculi abangu – 20 bendawo nabasafufusa,” kwenaba uCindi.

Kulomcimbi ozoba ngoMgqibelo mhla ka 28 kuMandulo enkundleni yezidlalo iSettlers Park kulindeleke izingwazi zabaculu ezifana noMthandeni, uKhuzani, uMenzi, uGatsheni nabanye abaningi.

Amathikithi asatholakala eSpar ngo R100 amathikithi ajwayelekile kanti ngu-R250 awomacaphuna kusale. Amasango avulwa ngo 9 ekuseni.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme