UThapelo “Maduna”Miya saseWembezi eStcourt udubuleke washona emathuneni eMtshezi elokishini laseWembezi.
Osukwini lwayizolo uThapelo ubehambele umngcwabo emathuneni eWembezi ngenkathi kuqhunyiswa izibhamu ngeshwa wadubuleka.
Abebesemathuneni bathi kuthe ngesikhathi kungcwatshwa kwabe sekuqhunyiswa izibhamu, lokhu abakubiza ngomkhuba owenziwa uma kudlule umuntu o”besebenza” ngesibhamu kanti kunenhlamvu ezolimaza uMiya.
“Kuqhume izibhamu savika ngapha nangapha, naye besithi uvika kanye nathi kanti yena useshayekile,” kusho omunye obehambele lomngcwabo.
Umphakathi waseWembezi uyakhala kakhulu ngalesenzo, ukuthi kwakukade kuhlosweni ngokuqhumisa izibhamu uma kungcwatshwa kukhona nabantu abasuke behambele umngcwabo.