Bekuyinjabulo yodwa kwiningi labantu abasebasha basendaweni yaseMnambithi nakwezinye izindawo ezakhele umaspala uThukela ngempelasonto.
Ukusa kosuku lwangoMgqibelo kube ngokungejwayelekile kakhulu kwizakhamuzi zakulendawo ngesikhathi kusa kulele ungqoqwane omhlophe othe qwa. Longqoqwane udalwe ukukhithika okubangelwe yisimo sezulu esivele saguquka kungazelele muntu ngoLwesihlanu maqede lakhithika izintatha zangoMgqibelo. Nakuba ibikhona imibiko evela ezangomeni zezulu zokuthi kuzoba yimpelasonto yamakhaza kodwa bekungalindelekile ukuthi lingakhithika.
Abantu abaningi bangene ezinkundleni zokuxhumana bafaka izithombe bejabulela ukubona ukulala kongqoqwane. Abanye bebeqala ngqa ukubona ngamehlo iqhwa lilele ngenxa yokuthi akuvamile ukuthi kube yinto eyenzekayo ezindaweni eziningi ezakhele uMnambithi. Abanye-ke bebebabaza isikhathi lokhu okwenzeke ngaso,”kuyisimanga ukuthi izulu likhithike ngalenyanga kaMandulo ngoba bese sicabanga ukuthi ihlobo selethwese, ehlobo alikaze lakhithika kulendawo,” kuchaza esinye isakhamuzi esihlala kulendawo.
abantu abathokozele kakhulu ukubona longqoqwane abantu abasebancane nabebeqala ngqa ukubona lesi simo sezulu. u-Amahle Mthanti waseZakheni ubhale kuFacebook ukuthi uzizwa ebusisekile ukubona into enje esemncane,”Abanye abantu baze bafe bengalibonanga likhithika, abanye kudingeka baze baphume ezindazweni zabo bavakashe kwezinye ukuze bezwe lomuzwa engiwuzwayo, mina ngiwuzwa ngisekhaya. Ngibusisekile,” kuchaza lentokazi esencane.
Zikhona ke nezigameko ezingekho zinhle ezidalwe ilokhu kukhithika kulendawo, ukuvalwa kwemigwaqo emikhulu, ukufa kwemfuyo, ukuphazamiseka kwemicimbi nokunye okuningi.