Umholi we-EFF uJulius Malema usedalule uNobhala-Jikelele weqembu, uMarshall Dlamini, njengozongenela ukhetho lokuba nguNdunankulu waKwaZulu-Natal. Uphinde wagcizelela izinhlelo zokuqoka isekela lakhe, uFloyd Shivambu, njengongqongqoshe wezeziMali uma kwenzeka i-EFF ithola amandla ngemuva kokhetho lukazwelonke lwangoMeyi 29.
UMalema ukhulume nezinkulungwane zabalandeli bakhe eralini ye-EFF yokhetho iTsela Thupa ePeter Mokaba Stadium ePolokwane ngoMgqibelo.
“Ngiza kini nethimba elinamandla nelithembekile labashisekeli benguquko nabazimisele ngoshintsho,” kusho uMalema.
Ufunge wagomela ukuthi i-EFF izoqoka abantu abaqeqeshiwe nabanekhono, kungakhathalekile ukuthi bangowaluphi uhlangothi kwezepolitiki, kuhulumeni.
“Ngifuna ukuzibophezela lapha ukuthi ngeke siqashe abantu kuhulumeni wabantu abadlelana ne-EFF ngokwepolitiki kuphela.
Noma ngabe uyi-ANC, noma uyi-DA, noma uyi-EFF, kumele ube nomazisi waseNingizimu Afrika futhi ube neziqu, lapho-ke uzoqashwa esikhundleni osifanele,” kusho uMalema.