UNgqongqoshe wezoBulungiswa uRonald Lamola ukuqinisekisile ukuboshwa kwamalungu amabili omndeni wakwaGupta eNdiya. Uthe uhulumeni uxhumene nokhomishana omkhulu waseNew Delhi ukuthola omazisi babasolwa.
Nokho uLamola ukubeke kwacaca ukuthi laba ababoshiwe akuyena u-Atul no-Ajay Gupta abafunwa uthuli yiziphathimandla zaseNingizimu Afrika kanye ne-Interpol.
Izelamani zakwaGupta selokhu zaphuma eNingizimu Afrika eminyakeni edlule.
Laba ababili kubikwa ukuthi baboshwe ngoLwesihlanu e-India ngamacala okuxhasa ukuzibulala kukamakhi odumile waseDehrandun uSatinder Singh Sahni.
Ngokwemibiko yezindaba, umakhi ovelele wababiza encwadini yokuzibulala.