Iqale kahle imidlalo ye Ladysmith Off Season Soccer Tornament ebanjelwe Endaweni yase Steadville enkundleni yezemidlalo okuyi AG MAGUBANE Stadium. Kuzokhumbuleka ukuthi njalo uma kuwuDecember kuba nemiqhudelwano weziteki ohlanganisa imiklomelo eyehlukehlukene ehlanganisa isamba…
ZIYAWUSHAYA KWINTSHEBE ENGUKINI KULEMPELASONTO
Owayengumsakazi owaduma kakhulu esakaza kwiGagasi FM ohlelweni lodumo lwasekuseni i-Alex and the Crew, uKininonke Shandu, oteketiswa ngelikaKini usephumile emakethe ngokusemthethweni. UShandu uzobe eyokwembesa ingoduso yakhe, u-Andile Khanyile, ngoMgqibelo KwaNongoma. Ngokwemithombo esondelene nalezi…
UZOPHUZA AMANZI AHLANZEKILE UMPHAKATHI WASE NQUTHU KULO KHISIMUSI
Umphakathi wakwa Nyezi eNkosini yakwaZondi eNquthu awukholwa namanje ukuthi emva kweninyaka usuzoba namanzi ahlanzekile. Imeya yomkhandlu uMzinyathi uPetros Ngubane uhambele eNquthu eyovula amanzi ku ward 11 ngaphansi kwesizwe sakwaZondi. Lomcimbi ubuhanjelwe iNkosi…
UMPHAKATHI UVUKE UMBHEJAZANE WABULALA OSOLWA NGOKUYENGA ABESIFAZANE EMNAMBITHI
Umphakathi wasema2000 eSt chads eMnambithi uvuke umbhejazane washaya wabulala umuntu obesolwa ngokuyenga abesifazane ngokubathembisa umsebenzi bese ewadlwengula. Lomlisa kuthiwa ubekhangisa aphinde afonele abantu ebazisa ngezikhala zemisebenzi nokuyilapho bethi uma behlangana athi abafune…
UNDOSI UTHI YIHABA UKUTHI WADLA R450 000 KOWAMANQAMU WELOMBHOXO EFRANCE
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, uthe imali elinganiselwa kuhhafu wesigidi yasetshenziswa wuhulumeni ukuthumela yena nomsizi wakhe ukuyobuka umdlalo wamanqamu weNdebe yoMhlaba yeRugby ebiseFrance. Empendulweni yakamuva yePhalamende, uCele uveze ukuthi uMnyango Wezamaphoyisa wasebenzisa…
SIDLULE NOMPHEFUMULO ISIPHEPHO IZOLO EGLENCOE
Kudlule emhlabeni umfanyana oneminyaka engu 13 wase Glencoe emva kokushawa wumbani izolo ntambama. Lezi zindaba ziqinisekiswe namhlanje ekuseni amalungu eqembu lezokuphepha eGlencoe elisebenza ngokuzikhandla ukusiza labo abacekelwe phansi imizi nempahla yabo. UNathan…
I-SANBS ITHI IZOSHODA NGEGAZI KULOKHISIMUZI
ISouth African National Blood Service (SANBS) ihlaba ikhwelo lokuthi kumele kunikelwe ngokushesha njengoba isitokwe segazi sehla kakhulu. Lokhu kuthiwa kwenzeke ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi, njengoba iningi labantu abanikela ngegazi lisuke lihamba noma lisemaholidini….
UMDLETSHE UTHI BEBEZIDLALELA NJE ABEBENZE INGQUNGQUTHELA YE-NFP NGEMPELASONTO
Uqhekeko lubukeka lukhula kuNational Freedom Party (NFP) njengoba izinhlangothi ezimbili zibanga ubuholi. Ngempelasonto elinye uhlangothi libe nengqungquthela yokukhetha ubuholi eThekwini. Kodwa uNobhala-Jikelele weqembu, uCanaan Mdletshe, uthe isigungu esiphezulu seqembu siyayiphikisa imiphumela. UMdletshe…
INDLOVUKAZI ISHIYE ISIGODLO IKUMKANI INQABA UKUTHI ITHANDAZE
Akuhambi kahle emshadweni ophakathi kweNdlovukazi yabaThembu uNolubabalo Khazeka Mcinga kanye neNkosi yalesi sizwe INkosi Buyelekhaya Dalindyebo. Akuphelanga ngisho izinyanga ezine laba bobabili beshadile njengoba babopha ifindo lomshado ngoNcwaba kulonyaka kodwa imibiko iveza…
SEKUBOSHWE IKHANSELA LE DA EBERGVILLE NGECALA LOKUFA KOMNDENI WALO
KUBOSHWE ikhansela le-DA KwaZulu-Natal kulandela ukushona kwamalungu omndeni walo ngesikhathi kusha umuzi ngo-Okthoba eBergville. Unkosikazi kaMichael Buthelezi nezingane ezintathu bashone ngemuva kokusha komuzi wabo. Esitatimendeni, i-DA ithi umholi wayo esifundazweni uFrancois Rodgers…
SEKUBHEDUKE ISIFO SAMARABI KWAZULU-NATALI
UMnyango wezoLimo usukhiphe isexwayiso kulabo abazohambela amaholidi ngenxa yokubheduka kwesifo samarabi ezindaweni ezisogwini KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape. Amarabi, yigciwane eliyingozi elithelelana ngamathe ezilwane ezinalesi sifo. Ukutheleleka kwenzeka lapho isilwane esinalesi sifo siluma, simnwaya…
UPAPA UNIKE OFATA BAMAROMA IGUNYA LOKUBUSISA IMISHADO YABOBULILI OBUFANAYO
ngoMsombuluko ibandla lamaKhatholika lifinyelele esinqumweni esiyingqopha-mlando esigunyazwe uPapa uFrancis sokuthi abefundisi bamaRoma aKhatolika sebengabusisa imishado abathandana nobulili obufanayo inqobo nje uma bengeyona ingxenye yemikhuba noma izinkonzo ezivamile zeSonto. Incwadi evela ehhovisi lezemfundiso…