Umphakathi wakwa Nyezi eNkosini yakwaZondi eNquthu awukholwa namanje ukuthi emva kweninyaka usuzoba namanzi ahlanzekile.
Imeya yomkhandlu uMzinyathi uPetros Ngubane uhambele eNquthu eyovula amanzi ku ward 11 ngaphansi kwesizwe sakwaZondi.
Lomcimbi ubuhanjelwe iNkosi yesizwe sakwa Mazibuko ongu sihlalo wamakhosi ase Mzinyathi kanye neMeya kaMaspala waseNquthu uKhansela Lindokuhle Shabalala.
Lomsebenzi wamanzi udle imali elinganiselwa ku R48 Million. Kanti kuhlomule imizi elinganiselwa ku 559 efaka izigodi zaseSibongile, eWhite City, Esidakeni, KwaNyezi, kwaHadebe, kanye nakwaFahlaza.
Imeya yaseNquthu ukhansela Lindokuhle Shabalala uthi ayikho into emjabulisa njengokubona abantu base Nquthu bethola intuthuko. Ubonge umkhandlu uMzinyathi ngokuthi ekugcineni abantu base ward 11 bazophuza amanzi ahlanzekile.
Imeya yaseMzinyathi uNgubane uthi liphansi ingeja kuningi okuhle okusazokwenzeka kwisifunda sase Mzinyathi.