UMnyango wezoLimo usukhiphe isexwayiso kulabo abazohambela amaholidi ngenxa yokubheduka kwesifo samarabi ezindaweni ezisogwini KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape.
Amarabi, yigciwane eliyingozi elithelelana ngamathe ezilwane ezinalesi sifo. Ukutheleleka kwenzeka lapho isilwane esinalesi sifo siluma, simnwaya noma sikhotha umuntu.
Izimpawu zokuqala zamarabi zilingisa lezo zomkhuhlane, okuhlanganisa ubuthakathaka, imfiva, nobuhlungu bekhanda.
Okhulumela uMnyango wezoLimo, uMnuz Reggie Ngcobo, ugcizelela ukubaluleka kokuqapha.
“Umphakathi uyalulekwa ukuthi ungasondeli, uthinte, noma ucoshe izinja namakati adukile kulezi zindawo nganoma iyiphi injongo. Abantu bakhuthazwa ukuthi babikele iziphathamandla zenhlalakahle lendawo ngezilwane ezilahlekile futhi basekele lezi zinhlangano ekunakekeleni izilwane ezinjalo. Khumbula ukuthi amarabi angenzeka noma yikuphi eNingizimu Afrika, ngakho-ke gwema ukuphatha izilwane ongazazi.”