ISouth African National Blood Service (SANBS) ihlaba ikhwelo lokuthi kumele kunikelwe ngokushesha njengoba isitokwe segazi sehla kakhulu.
Lokhu kuthiwa kwenzeke ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi, njengoba iningi labantu abanikela ngegazi lisuke lihamba noma lisemaholidini.
Okhulumela uphiko lwegazi kuzwelonke, uKhensani Mahlangu, uthi nakuba amazinga egazi kulindeleke ukuthi ehle aze afinyelele emazingeni aphansi kakhulu ngalesi sikhathi sonyaka, Indlela yokulwisana nalokhu ukuthi kunikelwe.
“Izinhlelo zezimo eziphuthumayo ziwukuthi sizohlale sihamba siyolanda igazi eliningi. Nokho izinombolo aziqinisekiswa ngaso sonke isikhathi. Ngakho-ke, iminikelo kumele yenzeke uDisemba wonke futhi sihlala simema abantu ukuthi banikele.”
Ukhumbuze abantu baseNingizimu Afrika ngokubaluleka kokunikela ngegazi.
“Sonke sinaye umuntu esimaziyo oke wadinga igazi. Kungenzeka kube yisihlobo noma umngani noma thina uqobo lwethu, Yingakho kubalulekile ukunikela njalo nje ngoba kungenzeka leli gazi lidingwe wuwe noma yisihlobo sakhu kusasa” kuphetha uMahlangu