KUBOSHWE ikhansela le-DA KwaZulu-Natal kulandela ukushona kwamalungu omndeni walo ngesikhathi kusha umuzi ngo-Okthoba eBergville. Unkosikazi kaMichael Buthelezi nezingane ezintathu bashone ngemuva kokusha komuzi wabo.
Esitatimendeni, i-DA ithi umholi wayo esifundazweni uFrancois Rodgers usazisiwe nguKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ngokuboshwa kukaButhelezi njengomsolwa oqavile.
URodgers uthi, “Kumanje uMichael ubhekene necala lokubulala umkakhe nezingane ezintathu. I-DA iyiqembu elihlale likholelwa emthethweni nokuhleleka nobulungiswa futhi uma ngabe ezobulungiswa zifakazela ukuthi unecala, kumele abhekane nengalo yomthetho.”