Uqhekeko lubukeka lukhula kuNational Freedom Party (NFP) njengoba izinhlangothi ezimbili zibanga ubuholi.
Ngempelasonto elinye uhlangothi libe nengqungquthela yokukhetha ubuholi eThekwini.
Kodwa uNobhala-Jikelele weqembu, uCanaan Mdletshe, uthe isigungu esiphezulu seqembu siyayiphikisa imiphumela.
UMdletshe nohlangothi lwakhe kulindeleke ukuthi bakhiphe umbiko ngoMsombuluko mayelana nezimpi zamaqembu ezikhona emphakathini.
Funda nalolu daba:
Uqhekeko ku-NFP luqale ngemuva kokushona komsunguli nomengameli wayo uZanele kaMagwaza-Msibi ngo-2021.
Kusukela lapho, kukhona abathi akushintshwe ubuholi eqenjini, kodwa imibango yangaphakathi ikumise lokhu.
Ingqungquthela yangempelasonto edlule ikhethe u-Irvin Barnes njengomengameli omusha weqembu.
Kodwa uMdletshe uthe ingqungquthela ibingekho emthethweni futhi uzobeka izizathu zokuthi kungani ngoMsombuluko.
Izingxabano zobuholi ziza ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kokhetho olubalulekile luka-2024.