Intaka ibekelwe amazolo namhlanje emcimbini omkhulukazi abantu baseMnambithi abawulindele ngamehlo abomvu ohlanganise izingwazi zomculo kuleli. Lomcimbi ozobanjelwa esikhumulweni sezindiza kulelidolobha ngoMgqibelo mhlaka 9 kuDisemba, kulindeleke ukuthi uhehe izinkumbi zabantu abaqhamuka ezindaweni ezakhele…
UTHATHELE UMSHWALENSE AMALUNGU ANGU-58 OWESIFAZANE OBOSHELWE UKUBULALA ABANTWANA BAKHE
U-Agnes Setshwantsho, obhekene necala lokwakha itulo lokubulala izihlobo zakhe ukuze akhokhelwe umshwalense ubuyele eNkantolo yeMantshi yaseMolopo kuleli viki ngongoLwesibili lapho kuqhubeka ukulalelwa kwesicelo sakhe sebheyili. Lo wesifazane oneminyaka engu-49 ubudala waseMahikeng eNorth…
KWEMBULWA KWEMBESWA KUZAHARA ONENKINGA YESIBINDI
Sekubonwa ngokusa kumculi we-Afro Pop wakuleli osekuphele iviki lonke esegumbini labagula kakhulu esibhedlela. UBulelwa Mkutukana owaziwa kakhulu endimeni yezomculo ngelikaZahara, ungeniswe esibhedlela ngeviki eledlule emva kokuhlatshwa ukugula. Umndeni wakhe uye waqinisekisa lokhu…
UPHUCWE ESOBUKAPUTENI EHLULWA UTSHWALA OWE KAIZER CHIEFS
Unozinti we Kaizer Chiefs uItumeleng Khune usemisiwe eqenjini, Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi kuqubuke izinsolo zokuthi wafika ejimini eNaturena egice utshwala. IKaizer Chiefs iqhuba uphenyo lwangaphakathi ngaloludaba lalonozinti ibe isinquma ukumumisa yamephucwa nezimendlela…
SIZOKWEHLA ISIBALO SABAZOXHASWA NGU NSFAS
Isikhwama soxhaso lwabafundi kuleli singenye yezikhungo ezikhungethwe yizinkinga ezingabonakali zisombululeka maduze. Lesi sikhwama sabafundi sizothola imali eyehliswe ngo R13.7 Billion yokuxhasa abafundi kulonyaka ozayo lokhu kuvele ngemuva kokuba umgcini mafa ekhiphe uhla…
USHUKELA TWALA UTHI I-EFF KUMELE IXOLISE KUYE NGOKUMXOSHA
Umongameli we Economic Freedom Fighters(EFF) uJulius Malema ngesonto eledlule emhlanganweni weqembu obuse Mgungundlovu, waveza ukuthi bafuna Inkatha Freedom Party iphume kumaspala wase Newcastle. Lomholi wabe esejuba Iphini lakhe uFloyd Shivambu esidlangalaleni ukuba…
KUTHOLAKALE ESINYE FUTHI ISIDUMBU EBERGVILLE
Ezinyangeni ezendlule iphaphandamba lakho UThukela News luke lakubikela ngesidumbu essatholakala sishisiwe eBergville, Akukapheli sikhathi sekuphinde kwatholakala isdumbu sowesili ongaziwa endaweni yakwaNkosane eDukuza izolo ekuseni khona belu eBergville. Ikhansela Lendawo uMnumzane Qaphela Mchunu…
LIZOWUDLELA ENDLINI ENTSHA SHA UKHISIMUZI IKHEHLA LASEGUDLINTABA
Kungenzeka iwudlele endlini yayo entsha sha ukhisimuzi insizwa esikhulile yesendaweni yaseGudlintaba eMnambithi. Ngonyaka owedlula uNobhala we-African National Congress(ANC) kwiSifunda iJosiah Gumede uMnumzane Bonga Hlomuka, wahambele indawo yaseGudlintaba ngaseMbuzweni lapho kwakunomhlangano weqembu le-ANC….
ISUNDOWNS IVULE IGEBE ESICONGWENI SELIGI
IMamelodi Sundowns ivule igebe lemidlalo engu-10 ingehlulwa kwiDStv Premiership ngemuva kokuhlula AmaZulu FC ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium ngoLwesithathu ebusuku. Igoli likaLucas Ribeiro Costa belanele ukunikeza ompetha amaphuzu aphelele. ISundowns ihlezi esicongweni…
UTHI UBETHUKUTHELE KAKHULU OWESIFAZANE OBHAXABULE UMSHAYELI WETEKISI
Owesifazane waseThekwini obonakale eshaya umshayeli wetekisi eMhlanga ngemuva kwengozi yemoto, uthi ingqondo yakhe ibigubuzelwe yimicabango kanina ocishe wafa abenaye emotweni ngesikhathi sesigameko. Ividiyo emfushane yomshayeli wesifazane, uThuso Khumalo, isabalale ngesikhathi ithwetshulwa eshaya…
SEKUKHISHWE UMEHLO KABONI KWELOKUBULAWA KUKASOTSWEBHU WASE MNGENI
Kuyaqhubeka ukubulawa kwamakhansela KwaZulu-Natal , kamuva kuhlaselwe kwabulawa uSotswebhu womkhandlu uMngeni uCllr Nhlalayenza Ndlovu. UMnu Ndlovu oyikhansela ngaphansi kwenhlangano iDA kuloyamkhandlu kubikwa ukuthi uhlaselwe wadutshulwa ekhaya kwakhe empophomeni phambi komndeni wakhe. Umholi…
UPHENYO NGOKUDATSHULWA KWESITHOMBE SEMEYA
Umkhandlu uThukela usunqume ukusungula uphenyo mayena nokudatshulwa kwesithombe semeya yalomkhandlu. Uma ungena edolobheni laseMnambithi ukhangwa yisithombe esikhulu esinobuso buka Meya woMkhandlu uThukela iNkosi Ntandoyenkosi Shabalala. Lesi sithombe siwuphawu lokwamukela bonke abantu abavakashela…