Umongameli we Economic Freedom Fighters(EFF) uJulius Malema ngesonto eledlule emhlanganweni weqembu obuse Mgungundlovu, waveza ukuthi bafuna Inkatha Freedom Party iphume kumaspala wase Newcastle.
Lomholi wabe esejuba Iphini lakhe uFloyd Shivambu esidlangalaleni ukuba ahambe ayoba nezingxoxo noMongameli weqembu elizinze eNyukhasela elaziwa ngokuthi yiTeam Sugar South Africa uMusa Twala. UMalema ufuna ukuthi basebenzisane naleleiqembu kumaspala iNewcastle ukuze bakwazi ukususa i-IFP kwesobuMeya.
UMalema uthe bonke abalandeli beTeam Sugar bangabalandeli be-EFF, futhi uma umholi waleli qembu evuma ukubambisana nabo, wuyena oyoba yiMeya yaloya mkhandlu.
Lomholi we-EFF wakhwela wadilika kwiNkatha Freedom Party kuwona eyinuka ngenkohlakalo nokungaphathi ngendlela omaspala abangaphansi kwayo.
iQembu le-IFP liziphendulela kulezi zinsolo ze-EFF azange yande kakhulu ngomlomo kodwa ikhiphe isitatimende esithi “ASIWUPHENDULI UMSANGANO “
kanti umongameli we Team Sugar South Africa uTwala uthe uyibonile nje inkulumo ka Malema futhi bekungumbono wakhe lona abewubeka, kanti futhi yena akanankinga banga mthumela u Floyd ukuzoxoxisana nabo njenge Team Suger kodwa kusamele yena ne EFF bathelelane amanzi ngokwenzeka ngaphambilini nokuxoshwa kwakhe kuleli qembu.
uTwala uthi i-EFF yamxosha ngoba ibona ukuthi akafanele ukusebenzisana nayo, yingakho ekholelwa ekutheni uma leliqembu linezinhloso ezinhle njengaye ngabantu baseNyukhasela, kuzofanele baqala ngokuxolisa kuye ngaphambi nje kokuthi kube khona izingxoxo.