U-Agnes Setshwantsho, obhekene necala lokwakha itulo lokubulala izihlobo zakhe ukuze akhokhelwe umshwalense ubuyele eNkantolo yeMantshi yaseMolopo kuleli viki ngongoLwesibili lapho kuqhubeka ukulalelwa kwesicelo sakhe sebheyili.
Lo wesifazane oneminyaka engu-49 ubudala waseMahikeng eNorth West, useqanjwe ngoRosemary 2.0, ngemuva kowayeyiphoyisa elalibulala liphindelela uRosemary Ndlovu, owalahlwa yicala lokubulala amalungu omndeni wakhe ngenxa yemali yomshwalense.
USetshwantsho ubhekene namacala amane okubalwa kuwo elokubulala, elokukhwabanisa nelokuphula umthetho. Usolwa ngokubulala umshana wakhe ekuqaleni konyaka. Ukufa bekucatshangwa ukuthi kungokwemvelo kodwa isidumbu sakhe sambiwa kwase kwenziwa ukuhlolwa kwesidumbu. Kwanqunywa ukuthi ubulawe ukudliswa ushevu. Kusolwa nokuthi nguyena futhi owabulala amadodakazi akhe amabili nomyeni wakhe oyiphoyisa. Kuphinde kwavela enkantolo ukuthi uSetshwantsho unemishwalense engu-58 ayithathela amalungu omndeni.
Umphenyi ophambili uSergeant Keshi Mabunda, utshele inkantolo ukuthi amaphoyisa azogubha isidumbu somyeni kaSetshwantsho ongasekho njengoba adlula ngendlela engaqondakali. “Sizogubha izidumbu zomyeni wakhe, indodakazi yakhe eyashona ngo-2005 nesinye esashona ngendlela engaqondakali ngo-2016,” usho kanje.
INational Prosecuting Authority (NPA) uHenry Mamothame uthe uMbuso ngeke unanaze ukwengeza amanye amacala. Uqhube wathi azikho izizathu ezibambekayo zokuthi uSetshwantsho anikezwe ibheyili. Icala lihlehliselwe uDisemba 13 ukuze kuqhutshekwe nesicelo sebheyili.