IMeya yakuMasipala wasoThukela Inkosi Ntandoyenkosi Shabalala wemukele uKhomishana wamaPhoyisa omusha wakuloMasipala uMajor-General Gonya. u Major-General Gonya ungene ezicathulweni zika major General Khumalo oseyosebenzela kwisifunda saseZululand njengoba uGonya yena kade esebenzala kwi sifunda…
Category: Izindaba Zomphakathi
UMASPALA WASENQUTHU EMKHANKASWENI WOKWAKHA UBUDLELWANO NOMUNYE UMASPALA WASEBELGIUM
Izikhulu zakumaspala wase Barnes ezweni lase Belgium zisohambweni lwezinsuku ezilishumi ku maspala wase Nquthu. Inhloso ukwakha ubudlelwane obujulile ikakhulikazi kwezokuvakasha kanjalo nokudala amathuba aqinile kwezomnotho nemisebenzi kubantu abakhele indawo yase Nquthu. Loluhambo…
UNQABE IBHEYILI UMQEQESHI OSOLWA NGOKUNUKUBEZ ABAFANA BEBHOLA
USEkhethe ukusichitha isicelo sakhe sebheyili umqeqeshi webhola likanobhutshuzwayo oneminyaka engu-57 ophinde abe nguthisha wezifundo zeBhayibheli, osolwa ngokudlwengula abafana abancane. INational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal ikuqinisekisile ukuthi umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseVerulam, waqoka…
UTHOLWE ESHONILE UMLISA WASETHEKWINI OWADUKA NGELEDLULE
Utholwe eshonile owesilisa (30) waseThekwini, uMnuz Siba Olwethu Dlamini, isidumbu sakhe sigezwe ogwini eSouth Beach, eThekwini, ngoMgqibelo. UDlamini kubikwa ukuthi udukile ngesonto eledlule, umndeni wakhe uphendukele ezinkundleni zokuxhumana ukuze uthole usizo, kanti…
KUCELWA KWEHLISWE UMOYA EMVA KOKUBULAWA KWESIKHULU SAMATEKISI KWAMASHU
AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal athungatha oshayasibhamu abanecala lokubulala umphathi wamatekisi KwaMashu, enyakatho yeTheku. Umufi udutshulwe amahlandla amaningi ngaphandle komuzi wakubo kuNogolantethe Road ngoMgqibelo ebusuku, abazibonele ngokwabo bathi babone ngemoto yabasolwa isisuka nesivinini ibaleka. Imbangela…
AMACIKO AKHALA NGOKUVALELWA NGAPHANDLE YIMEYA YASOKHAHLAMBA KWAKLONYELISWA OSAZIWAYO
Ziyaqaqamba izinhliziyo zamaciko aseBergville ngakubiza “ngokuvalelwa ngaphandle” emcimbini wamaciko obuseBergville kulempelasonto. Lamaciko akhala ngokuthi iMeya yalomaspala uKhansela Vikizitha Mlotshwa uhlele indumezulu yomcimbi wokuhlonipha amaciko kodwa wawavalela ngaphandle amaciko endawo kanye namanye adumile…
KUBOSHWE IKHEHLA(54) NGOKUVUMELA AMA”ZAMA ZAMA” AMBE EKAMELENI LALO
Kuboshwe ikhehla elineminyaka engu-65 ubudala lasesifundazweni saseNorth West kanye nalo elineminyaka engu-31 ubudala ngezinsolo zokuvumela abavukuzi abangekho emthethweni ukuthi basebenzise igumbi lokulala endlini yalo njengesango lokungena emgodini oseduze wasemayini iKhuseleka. Kulindeleke bavele…
KWETHULWE INHLANGANO EZOBHEKELELA ABESIFAZANE NENTSHA E-ACACIAVILLE
kwethulwe inhlangano entsha ezobhekelela izidingo zabantu abasha kanye nabesifazane endaweni yase-Arcaciaville eMnambithi. Lenhlangano eyaziwa ngokuthi yiWomen And Youth Operation yinhlangano engenzi nzuzo(NPO) ehlose ukuqinisekisa ukuthi abantu abasha ikakhulukazi abesifazane bayakwazi ukuthola izinsiza…
SISOLWA NGOKUSHAYA UMLANDELI WEBHOLA ISISHOSHOVU SE-FEES MUST FALL
Emdlalweni wakamuva we-semi final yeMTN 8 phakathi kwe-Orlando Pirates neCape Town City ngo-Agasti 27, owayengumholi weFees Must Fall uMncebo Dlamini kuthiwa wasusa umsindo esigabeni se-VVIP e-DHL Stadium, eKapa. Imithombo ithi uDlamini waphenduka…
KULINDELEKE AMATSHITSHI ANGAPHEZU KUKA 40 000 EMHLANGENI WALONYAKA
UMkhosi woMhlanga wakulo nyaka ulindele uukuthi uqophe umlando wokuba mkhulu kunayo yonke eyake yaba khona, njengoba izohanjelwa amatshitshi angaphezu kuka-40,000, okuyisibalo esiphakeme kunaseminyakeni eyedlule. Lo mkhosi waqala ngo-1984 lapho iNdlovukazi uShiyiwe Mantfombi…
KUGWAZWE KWABULAWA UMFUNDI EBERGVILLE EMVA KWENGXABANO KUBANGWA INTOMBI
usathuthumela namanje umphakathi wasendaweni yasePotshini eBergville emva kokugwazwa kubulawe umfundi webanga leshumi nanye. Lomfundi obefunda esikoleni iPotshini High School khona endaweni, kuthiwa ugwazwe ngomunye wabafana okungacaci noma naye ubefunda khona yini esikoleni….
KUTHOLAKALE UMBUNGU ESITAMKOKWENI EZAKHENI
Amalungu omphakathi eZakheni, KwaB, ashaqekile ngemva kokuthola umbungu estamkokweni ngesikhathi kuqhutshwa umkhankaso wokukhuculula izitamkoko endaweni. Lo mbungu utholwe ema-one-room eZakheni. Amawphoyisa easelokishini eZakheni abikeliwe ngaloludaba kanti kuze kwafika isikhathib sokushicilela kungakaziwa ukuthi…