Kushone isalukazi engozini yemoto eyodwa eyenzeke ku-M13 ngaseWestville. Okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS uGarrith Jamieson uthe imoto ibigingqika izikhathi eziningi ngaphambi kokuthi ilale ophahleni lwayo. UJamieson uthi indoda eneminyaka engu-70 ubudala kuthiwa ishonile…
Category: Izindaba Zomphakathi
KUBOSHWE ABANE NGOKUBULAWA KOMLIMI OMHLOPHE EFREE STATE
Umlimi oneminyaka engu-52 ubudala eFree State ubulewe, kwathi unkosikazi wakhe wathunjwa ngesikhathi kuhlasela ipulazi labo, kusho amaphoyisa esifundazwe ngeSonto. Amaphoyisa, abikelwe ngamalungu omphakathi akhathazekile ngezithuba zabo-07:00, athole isidumbu somlimi, sidutshulwe ekhanda, epulazini…
IZOBUYISELWA KULELI INGANE EYAZALELWA EMAURITIUS EMVA KOKUBOSHWA KUKANINA EKHULELWE
Izithunywa zoMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi zizolibhekisa eMauritius ngoMsombuluko ukuyobuyisela ekhaya ingane eneminyaka emihlanu eyavaleleka ngesikhathi unina eboshwa kuleliyazwe. Umama waboshelwa ukushushumbisa izidakamizwa ngoMeyi 2019 ekhulelwe. Ingane inakekelwa ngunina ngesikhathi ilinde ukubuyiselwa eNingizimu Afrika,…
KWEMBULWA KWEMBESWA KUDOKOTELA OGWAZWE ESENDAWENI YAKHE YOKUSEBENZA
Owesilisa uyelulama esibhedlela ngemuva kokugwazwa, ngesikhathi kugetshengwa endaweni yakhe yokwelapha enyakatho yeTheku. Abezokuphepha nabezimo eziphuthumayo bagasele endaweni yesigameko eNewlands West ngoLwesihlanu. Abezimo eziphuthumayo eKZN bathi kuyaqondakala ukuthi umlisa obehlomile ungene ngodli kulendawo…
UBOSHIWE OBEZAMA UKUQOLA UNINA WOMLISA AMSOLA NGOKUMDLWENGULA
KUBOSHWE abasolwa ababili ngezinsolo zokuzama ukuqola unina wowesilisa osolwa ngokudlwengula u-R15 000. Abasolwa ngoSibusiso Comfort Banda noNontobeko Elsie Nyandeni kuthiwa bafuna le mali ukuze bahoxise amacala okudlwengula. Icala livele ngesikhathi unina kamsolwa…
ABANTU BASE-KZN BAFUNA KWEHLISWE IMALI EHOLELWA IZIKHULU KUKHOKHELWE NGAYO UGESI
Iqeqebana lezakhamizi zaseKZN liphakamise ukuthi kwehliswe amaholo ezikhulu eziphezulu zikahulumeni kukhokhelwe u-Eskom – esikhundleni sokwenyusa intengo kagesi. Amalungu omphakathi nezinhlangano zendawo babe nezwi labo ngosuku lokuqala lwezigcawu zomphakathi zomlawuli kazwelonke wamandla kagesi…
U-RAF UYALELWE UKUTHI ANXEPHEZELE INYANGA NGO-R1.2 MILLION EMVA KUKULAHLEKELWA YINZWA ZOKUHOGELA ENGOZINI
INkantolo eNkulu yaseMpumalanga iyalele abe-Road Accident Fund (RAF) ukuthi bakhokhe u-R1.2 million wesinxephezelo sikaNokuthula Gwebu, inyanga eyathinteka kabi izinzwa zephunga nokunambitha engozini yemoto eminyakeni emibili edlule. UGwebu uqale wafaka isicelo ku-RAF sokuthi…
KUBOSHWE UMLISA OBEDAYISA IMITHI ESPHAZA OTHONGATHI
Owesilisa okusolwa ukuthi ubedayisa imuthi e-tuck shop eThekwini ume phambi kwemantshi ngoLwesine. Umsolwa oneminyaka engu-39 ubudala uboshwe ngoLwesithathu oThongathi, enyakatho yeTheku. Okhulumela amaphoyisa eKZN uRobert Netshiunda uthe naye utholwe nogwayi ongekho emthethweni….
ABANTU BASENINGIZIMU AFRICA BABHALISELA IZIPHAZA ABOKUFIKA – MASHATILE
IPhini likaMengameli uPaul Mashatile lithi abahloli banobufakazi bokuthi kukhona abantu baseNingizimu Afrika ababhalisela izipaza egameni labokufika abangenazo izincwadi ezisemthethweni. Ngenyanga edlule, uhulumeni umemezele ukuthi zonke izitolo ze-spaza zibe sezibhalisiwe ngoDisemba 13. UMashatile…
BABOSHIWE ABALISA ABAQOLA IZIMALI OSONKONTILEKA E-KZN
Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo abahlanu abasolwa ngokuba yizigebengu ngemuva kokuboshwa kwabo eMzinto ngoLwesithathu. Amaphoyisa abambe laba balisa lapho kwakhiwa khona kulandela imibiko yokusatshiswa kosonkontileka nokuqolwa kwabo izimali zabo kulendawo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal,…
UNTULI UZOHLANGANA NEZIKHULU ZAMATEKISI NGOLWESINE UKUZAMA UKUXAZULULA INKINGA YAMATEKISI AHAMBA AMABANGA AMADE
Izikhulu zamaphoyisa eKZN zibambisene nenhlangano yamatekisi ukuthola isixazululo esitelekeni samatekisi amabanga amade esiqhubekayo. Amalungu eDurban Long Distance Taxi Association abhikishe emizileni engaphakathi neseduze nedolobha, ekuqaleni kwaleli sonto. Abaneme ngokukhishwa kwezimvume nguMnyango wezokuThutha….
UZOGWETHSWA OWABULALA AMALUNGU OMNDENI AYISITHUPHA EWASOLA NGOKUMTHAKATHA ESHOWE
Owayengusonhlalakahle KwaZulu-Natal, uSthembiso Mthimkhulu, uzogwetshwa ngoLwesibili eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngecala lokubulala ngesihluku amalungu omndeni ayisithupha. Lokhu kubulala kwenzeka ngoFebhuwari 2021, eqhutshwa inkolelo yakhe yokuthi izisulu zazithakathe umalume wakhe. Okhulumela iNational Prosecuting Authority…