Kushone isalukazi engozini yemoto eyodwa eyenzeke ku-M13 ngaseWestville.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS uGarrith Jamieson uthe imoto ibigingqika izikhathi eziningi ngaphambi kokuthi ilale ophahleni lwayo.
UJamieson uthi indoda eneminyaka engu-70 ubudala kuthiwa ishonile endaweni yesigameko.
“Indawo yesigameko isasebenza futhi izothatha isikhathi eside. Abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS bathanda ukunxusa abashayeli ukuthi behlise ijubane kulesi simo sezulu esinaso,” kusho uJamieson.
“Hamba ngaphambi kwesikhathi ukuze ufike lapho uya khona. Sicela uqinisekise ukuthi amawiper emoto yakho kanye namathayi asesimweni esihle.”