Induna yase Burford uMnuz Xolani Hlatshwayo kanjalo noDokotela wendawo u Dkt. Dumisani Makhathini osebenzela e Thekwini baphe imindeni imithathu yase Burford ezigodini ezihlukene ukudla kwakhIsimusi.
Lemindeni yahlonzwa abafanyana bebhola njengoba omunye wabafana abadlala nabo waxoxela abangani bakhe ngesimo sasekhaya, abafana babe sebeyotshela induna ngalesimo.
Induna yendawo uMnu. Xolani Hlatshwayo uthi ukhisimusi usuku oluhlanganisa imindeni ngakho kubalulekile uma unakho okuncane udlulisele kwabanye.
Uthi njengomholi womphakathi kubalulekile ukulekelela ikhansela una naye kukhona angakuzama. uHlatshwayo uthi ikhansela laseBurford uMthokosizi Khoza kuningi asebenzele khona njengo mphakathi yingakho naye ethi akazame ukumhlangabeza njengeNduna ukuza naye angazizwa ethwele umthwalo emahlombe.
Kanti uDkt. Mkhakhathini yena uthi kadeaufisa ukwenza uhlelo olufuze lolu ngelinye ilanga kodwa ngoba uyabona Induna yendawo uHlatshwayo kanye nekhansela uKhoza bangabantu abazimisele kuzomele bahlele ukuze kube nezinhlelo ezizosiza abantu base Bakulendawo.