UNkk Lulama Felicity Primrose Keth Kunene, waKwaZulu-Natal, ulahlekelwe yisicelo sakhe sokuthola uxhaso lwezimali kwaRoad Accident Fund (RAF) kulandela ukushona komlingani wakhe engozini yemoto.
INkantolo eNkulu yaKwaZulu-Natal, eMgungundlovu, ilichithile icala likaKunene ngemuva kokuthi ehlulekile ukuveza ubufakazi bokuthi ubudlelwano bakhe beminyaka engu-13 nomufi babuhlanganisa umshado wesintu osemthethweni.
UKunene uthe umufi wathumela ithimba lamalobolo emndenini wakhe ngo-2004, wakhokha u-R20 000 njengengxenye yezingxoxo. Ngaphandle kwalokhu, ayikho eminye imicimbi yendabuko noma izinkokhelo eziqediwe ukuze kumiswe umshado wesintu.
UKunene uchaze kabanzi ngobudlelwano bakhe nomufi, okuhlanganisa ukuhlala naye, ukukhulisa izingane ezimbili nokumnakekela uma egula. Nokho, uvumile ephekwa ngemibuzo ukuthi umufi wayehlala nonkosikazi wakhe wokuqala futhi wayemvakashela ngezimpelasonto kuphela.
Inkantolo ayitholanga ubufakazi bomsebenzi oyisibopho esingokomthetho wokondla onjengomshado. IJaji elibambile u-Nako lithe ubudlelwano bebusekelwe ekusekaneni ngokwezimali nomufii, hhayi umshado wesintu noma osemthethweni.
“Umthetho ugunyaza umuntu ukuthi afake isicelo kuRAF kuphela uma lokho enelungelo lokukuthola ngokomthetho. Lobu budlelwano bebungafani nomshado,” kusho uJaji Nako.
Isicelo sikaKunene sachithwa nezindleko, inkantolo igcizelele ukuthi indlela yomshado wesintu ayicutshungulwanga ngokuphelele futhi ayiphethwanga.