Umshayeli wetekisi ubanjwe ngoMsombuluko emngceleni waseBeitbridge ezama ukweqa umngcele nabantu abangama-25 abangenazo izimvume zokuba kulelii, okubalwa kubo nabantwana abangama-20 abaneminyaka ephakathi kuka-5 no-14, bengena eNingizimu Afrika evela eZimbabwe.
I-Border Management Authority (BMA) ithe abantwana bebegqishwe kuletekisi nabantu abadala kungangrni ngisho nomaya wokuphefumula.
“Imoto ebisetshenziswa ukushushumbisa abantwana ithathiwe, kanti umshayeli uboshiwe wavalelwa esitokisini,” kusho okhulumela i-BMA uMmemme Mogotsi.