Umaspala wase Alfred Duma ufungise amakhansela amabili amasha e-Economic freedom Fighters (EFF) lapho ebezovala izikhala zamakhansela axoshwa kwi EFF.
uThobekile Dube(39) wase Matiwane kanye noSthabiso Cebekhulu (28) osuka endaweni yase Driefontein yena uke waba ngumholi onohlonze ophikweni labafundi ngesikhathi efunda eMnambithi Tvet College.
Kanti bavale isikhikhala samakhansela axoshiwe okunguPhilile Mbhambo kanye noBonisiwe Gwala.
Khona manjalo usihlalo weqembu le EFF oThukela uMnumzane Mbongeni Shange uthi bayakwamukela ukuqokwa kwalamakhansela. Uphinde waveza ukuthi usizwile isikhalo samakhansela amasha e-EFF sokuthi wona awafuni ukuhlala umhlangano womkhandlu ngoZoom kodwa afuna wonke amakhansela aphelele emkhandlwini ukuze azothatha izinqumo eziphusile. Kanti usihlalo uthi uzobhalela usomlomo wase Alfred Duma ngalesicelo samakhansela
uShange akafunanga ukuphawula ukuthi axoshwelani lamakhansela.