UMnyango wezeMpilo ukuqinisekisile ukushona komuntu oyedwa okutholakale ukuthi uneMpox. UNgqongqoshe Wezempilo uJoe Phaahla ubikele abezindaba ePitoli ngoLwesithathu ekuseni ngokuqubuka kwalesi sifo (esasaziwa ngelenkawu). UPhaahla uthe amacala amathathu aseqinisekisiwe eThekwini namabili eGauteng. Zonke…
Category: Izindaba Zikazwelonke
INKANTOLO ICHITHE ISICELO SIKAKHUMALO SOKUBUYISELWA NJENGOMHOLI WE-MK
INkantolo yezoKhetho isichithile isicelo sikaJabulani Khumalo sokuthi abuyiselwe esikhundleni sakhe njengomholi weqembu loMkhonto weSizwe. Esicelweni sakhe eNkantolo yezoKhetho, uKhumalo uveze ukuthi uMnuz Duduzile Zuma-Sambudla we-MK wenza umgunyathi ukuze azise ikhomishini ukuthi usesulile…
i-MK ISILIFAKE ENKANTOLO UDABA LOKUHLALA KWEPHALAMENDE LAKULELI
Iqembu loMkhonto weSizwe lithi selifaka amaphepha eNkantolo yoMthethosisekelo ngenhloso yokuvimbela ukuhlala okokuqala kwePhalamende lesikhombisa lentando yabantu. Iqembu eliholwa ngowayengumengameli uJacob Zuma lithi i-Independent Electoral Commission yaqola ukhetho lwango-2024 ivuna i-ANC. Okhulumela iPhalamende uNhlamulo…
i-NSFAS INXUSA OMASTEDE UKUTHI BANGABAXOSHI ABANTWANA ABANGAKHOKHILE
Uhlelo olusiza abafundi ngezimali, iNSFAS, lunxuse abanikazi bezindlu abasakweletwa ukuthi bangaxoshi abafundi. Kuthenjiswe ukuthi zonke izimangalo ezisebenzayo zizoxazululwa ezinsukwini eziyi-10 ezizayo. Lokhu ngemuva kokuthi uMphathi walolu hlelo, uFreeman Nomvalo exoxisane nabanikazi bezindlu…
I-EFF ITHI AYIHLANGANI NHLOBO NOHULUMENI ONE-DA KANYE NE VF PLUS
IPhini lomholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uFloyd Shivambu uthi iqembu ngeke lisithokozele isiphakamiso se-African National Congress (ANC) sokuthi kube noHulumeni Wobumbano Lwesizwe (GNU) uma kuthinta iDemocratic Alliance (DA) noma iFreedom Front Plus….
I-DA ITHI IZOVUMA UKWAKHA UHULUMENI WOBUMBANO UMA INGEKHO I-MK NE-EFF
IDemocratic Alliance (DA) ithi izovuma kuphela ukuba yingxenye ye-African National Congress (ANC) ehlongozwayo kuhulumeni wobumbano kuzwelonke (GNU) uma uMkhonto weSizwe (MK) Party, Economic Freedom Fighters (EFF) kanye nePatriotic Alliance. (PA) abafakiwe. Izolo…
KUZOSETSHENZISWA EZOBUCHWEPHESHE BESIMANJE UKULWA NESIFO SOFUBA KULELI
ISouth African Medical Research Council ithi ukuhlolwa kofuba kumele kuthuthukiswe ukuze kwehle isibalo sabantu abathelelekayo kuleli. Lo mkhandlu ububambe ingqungquthela yawo yesi-8 ye-TB ye-SA eThekwini kuleli sonto. UMqondisi eHhovisi le-AIDS kanye noCwaningo…
I-ANC IZOMEMEZELA AMAQEMBU EZIMISELE UKUSEBENZA NAWO KUHULUMENI WOKUBAMBISANA KULELI
I-African National Congress (ANC) ithi isihlangane okungenani namaqembu ayisithupha epolitiki ngenhloso yokusungula ohulumeni bamadlelandawonye noma uhulumeni wobumbano kuzwelonke nasezifundazweni. Lokhu kuvele esithangamini sabezindaba saleli qembu eGoli namuhla ekuseni. Kula maqembu kubalwa iDemocratic…
UVALO KUBULAWA ELINYE ILUNGU LE-MK KWAZULU NATAL
Iqembu le-MK selinxuse ukuthi kwehle umoya ngemuva kokudutshulwa kwelinye lamalungu alo eCato Manor eThekwini. Umufi udutshulwe wabulawa eduze kwenkulisa lapho yena nomkakhe beshiye khona ingane yabo ngoLwesithathu. Kuyaqondakala ukuthi ushayasibhamu ubalekile nesibhamu…
UKHUMALO UZOYOMELA I-MK EPHALAMENDE
UMsunguli weMK owaxoshwa kuleliqembu uMnu Jabulani Khumalo uzomela leliqembu emhlanganweni wasePhalamende lapho kuzoqokwa khona uMengameli noSomlomo. UKhumalo wakleliswa waba ngowesibili ohlwini labayomela leliqembu ephalamende elandela uMnu Jcob Zuma okwatholakala ukuthi akakulungele ukuba…
USESULILE ESIKHUNDLENI SAKHE UZIZI KODWA
UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uZizi Kodwa wesulile esikhundleni sakhe manje. “UMnu Kodwa umazise uMengameli ukuthi uzosula njengoNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko kanye nelungu leKhabhinethi, ngemuva kokuthweswa icala ngokusemthethweni,” kusho uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko…
BABUYELA ENKATOLO NAMUHLA UTHABO BESTER NESINQANDAMATHE SAKHE UNANDIPHA
Umbulali nomdlwenguli owalahlwa yicala, uThabo Bester naboshwe nabo kulindeleke ukuthi babuyele eNkantolo eNkulu yaseFree State eBloemfontein ngoLwesithathu ukuze kuqulwe icala labo. Abantu abayisishiyagalolunye okubalwa kubo intombi kaBester uNandipha Magudumana noyise babhekene namacala…