UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, uyaluphawula ngokukhathazeka nokudumala udaba lwenkohlakalo ethinta amalungu ombutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS). Icala lakamuva elithinta amaphoyisa amane ophiko lweCrime Intelligence, ehambisana nesisebenzi saseFirst National Bank (FNB) kanye noyedwa oyisakhamuzi, lifake ithunzi elimnyama ngobuqotho bezikhungo zomthetho.
Ngomhla zingama-30 kuMasingana wezi-2024, ummangali wabika isigameko esishaqisayo lapho abantu, ababegqoke izingubo ezingezona ezivamile futhi ababezenza amaphoyisa, beza kuye. Laba bantu bamyisa e-Fairlands SAPS, lapho baqamba amanga bathi uphenya icala lokukhwabanisa elibekwe yena. Ummangali wabe eseshaywa, wabe esephoqwa ukuba avumele laba bantu ukuba bangene emzini wakhe oseFourways. Kuthe uma esefikile wathathwa amafoni, kwakhishwa isamba sika-R180 000.00 kuma-akhawunti akhe safakwa kweyawo.
Kube sekuqala uphenyo ngokushesha, okuholele ekutheni kutholakale abasolwa abathintekayo. Bonke abasolwa abayisithupha sebeboshiwe bavele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg izolo, 12 August 2024.
Kwelinye icala, uNgqongqoshe uncoma i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) kulandela ukuboshwa kwamaphoyisa amabili abhekene namacala okuthumba nokubamba inkunzi.
Ethula imizwa yakhe uNgqongqoshe uMchunu ubeke lokhu okulandelayo: “Mangicacise ngokungananazi: inkohlakalo engaphakathi embuthweni wethu wamaphoyisa ngeke ibekezelelwe. Izenzo zalaba bantu ziwukungathembeki kumphakathi futhi ziphula yona kanye imigomo i-SAPS emele—umthetho, ubuqotho, kanye nomsebenzi. Okubi kakhulu ukuthi lawa angamalungu ophiko lweCrime Intelligence – siyasigxeka isenzo sabo sobugebengu ngamagama aqinile okubafanele. Ukuziphatha okunjalo akukona nje ubugebengu kodwa kuyihlazo kakhulu. Ngeke sivumele noma yikuphi ukucekelwa phansi kwethemba umphakathi onalo kuma-ejensi aqinisekisa ukuthotshelwa komthetho. Ngokuphuthumayo, kuzoqalwa izinhlelo zangaphakathi zokuqondiswa kwezigwegwe emaphoyiseni. NjengoNgqongqoshe Wezamaphoyisa, ngiqinisekisa umphakathi ukuthi sizoqhubeka nokusiphula inkohlakalo noma ngabe ikuphi phakathi kwethu. Sisazibophezele ekwakheni uphiko lwamaphoyisa oluthenjwa abantu ababasebenzelayo, futhi ngeke siphumule kuze kube ubulungiswa buyenzeka. Ngithanda ukuncoma abaphenyi abasebenze ngokuzikhandla kulawa macala, baqinisekisa ukuthi abathintekayo bayagwetshwa. Ngiphinde ngincome ilungu lomphakathi elithintekile elibike lolu daba. Ukulwa nenkohlakalo kuwumthwalo ofanayo, futhi sinxusa umphakathi ukuthi uqhubeke nokubika noma yiziphi izenzo ezisolisayo noma zobugebengu, ikakhulukazi lezo ezithinta abomthetho. Lesi sigameko sisibekela inselele, yokubhekisisa ukuqashwa kwamaphoyisa, ngoba la maphoyisa OConstable.”