Njengoba izwe lilindele ukuqokwa kwekhabhinethi entsha, i-Organisation Undoing Tax Abuse isiqoke ongqongqoshe abathathu ekholwa ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa akumele abagcine. Isikhulu esiphezulu sale nhlangano, uWayne Duvenage, uthi omunye wabo nguGwede Mantashe. “Esikucelayo…
Category: Izindaba Zikazwelonke
SESIFINYELELE KWABANGU-13 ABANTU ABATHOLAKALE NEMONKEY POX KULELI
Sekutholakale abanye abantu abayisithupha abanesifo se-Mpox, okwenza isibalo sabagulayo safinyelela ku-13. Abantu abayisikhombisa kulaba baqinisekisiwe KwaZulu-Natal, amahlanu eGauteng nelilodwa eWestern Cape. Lokhu njengoba umnyango kazwelonke uthole iqoqo lokuqala lokwelashwa okuqondene ne-Mpox, i-Tecovirimat,…
ISIKHULU SE-IEC ECALENI LOKWEBA UR1.2 MILLION ESTANDARD BANK
UKhomishana we-Independent Electoral Commission (IEC) uvele eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge ngoLwesihlanu ekuseni ngezinsolo zokweba u-R1.2-million wesikhwama sabafundi. OKlebe bakuqinisekisile esitatimendeni ukuthi uDkt Nomsa Praisy Masuku, owayeyisisebenzi se-Standard Bank futhi oseyisikhulu se-IEC, uvele…
USEMISIWE UMLUNGU OTHE AKUBULAWE ABAMNYAMA
IDemocratic Alliance isimise iLungu layo ePhalamende uRenaldo Gouws mayelana nemibhikisho yokucwasa ngokwebala ekwi-video ezinkundleni zokuxhumana. Umkhandlu waleli qembu uthi sekutholakele ukuthi izithombe zikaGouws ziyiqiniso futhi aziwona mbumbulu. Izinkulungwane zabantu zisayine incwadi yezikhalazo…
UMSINDO KUVELA IVIDEO YELUNGA LEPHALAMENDE LITHI AKUBULAWE ABAMNYAMA
Isisuse umsindo ivideo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana yelunga lephalamende le-DA elisha sha uRenaldo Gouse. UGouse ubonakala kulevideo edemelayisa ethi,”Kill the Kaffir, kill the Nigga” kulevideo leli lungu lephalamende leDemocratic Alliance liqhubeka lithi lona…
USOLA UKUCWASWA NGOKOBUHLANGA ECALENI LAKHE LESIBHAMU UMALEMA
Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema uthe kukhona ukucwasa okukhona ecaleni lakhe lokuqhumisa isibhamu. UMalema nonogada wakhe, u-Adriaan Snyman, babhekene necala eNkantolo yeMantshi yase-East London ngamacala ehlukene ahlobene nomhlangano owawungo-2018 ezinkundleni…
URAMAPHOSA UNXUSE ABAKULELI UKUTHI BESEKE UHULUMENI OMUSHA
UMengameli uCyril Ramaphosa usenxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basekele uHulumeni omusha Wobumbano Lwesizwe ukuze aqhubekisele izwe phambili noma abhekane nenkinga yonke eyakhiwe eminyakeni engamashumi amathathu edlule. Ethula inkulumo yakhe yokuqala e-Union Buildings…
KUTHUNJWE IPHINI LIKAMENGAMELI WE-UDM LISENDLELENI EBHEKE EMGUBHENI WOKUVULA IPHALAMENDE
IPHINI likaMengameli we-UDM, uMnuz Nqabayomzi Kwankwa, utakuliwe ngemuva kokuthunjwa esendleleni eya esikhumulweni sezindiza saseKapa ngoLwesibili ntambama. Ngokusho komholi weqembu uBantu Holomisa, abathumbi bafune imali engu-R10 000. “Uphephile manje. Uthunjwe eya esikhumulweni sezindiza….
UNDUNAKULU KAZULU-NATAL USEQOKE ONGQONGQOSHE ABASHA ESIFUNDAZWENI
Undunankulu wesifundazwe sakwaZulu-Natal u numz Thami Ntuli seqoke ongqongqoshe abasha abazosebenza kuleli khambinethi lesikhombisa kulohulumeni wenando yeningi. u Ntuli uqoke ongqongqoshe ngokulandela ukusebenzisana kwe Natiol Government of unit . Ongqongqoshe beninyango yakwaZulu-Natal…
ASEPHOTHULIWE AMALUNGISELELO OKUGCOTSHWA KUKA NDUNAKULU WAKWAZULU-NATAL EMGUNGUNDLOVU.
Namuhla kulindeleke ukuthi izinkumbi zabantu, izicukuthwane zibuthelane eMngungundlovu njengoba kuzo gcotshwa u numz. Thami Ntulu njengo Ndlunkulu wesifundazwe sakwaZulu-Natal. Kanti ihhovisi likaNdunankulu wesifundazwe lithi nakanjani namuhla liyothi lishona u Ntuli uzobe esengu…
LIBUYELA ENKANTOLO NAMUHLA OLUKAMALEMA LOKUQHUMISA ISIBHAMU ESIDLANGALALENI
Icala lomholi we-EFF uJulius Malema nonogada bakhe u-Adriaan Snyman kulindeleke ukuthi liqhubeke eNkantolo yesiFunda yase-East London namuhla. Udaba luzoqhubeka njengoba kulindeleke ukuthi laba bobabili basukume bazivikele. Amacala okuqhumisa isibhamu asukela emgubhweni we-EFF…
ASEFUNGISIWE AMALUNGU EPHALAMENDE LIKAZWELONKE
Amalungu Amasha EPhalamende afungise ukusebenza emhlanganweni wokuqala wesiGungu Sikazwelonke. Emaqenjini angu-18 akuhulumeni wesikhombisa, angu-11 abuyayo, amanye ayisikhombisa azobe emelwe okokuqala ePhalamende. UChief Justice Raymond Zondo uyena ophethe lesi sigungu lapho kuzokhethwa khona…