UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu usenxuse labo abagxeka amaphoyisa ngokubulala izigebengu ezihlome ngezikhali ukuthi bayeke amaphoyisa enze umsebenzi wabo.
Amaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) asolwa yizinhlangano ezilwela amalungelo abantu ngokusebenzisa isandla sensimbi uma ebhekene nezigilamkhuba.
Lokhu kulandela uxhaxha lwezigameko zokudubula lapho izigebengu zibulawa khona ngamaphoyisa egameni lokuziphindiselela.
UMchunu uthe nakuba ekwamukela ukwehlukana kwemibono kodwa abantu kumele bakhumbule ukuthi amaphoyisa angabantu abanelungelo lokuzivikela.
UMchunu uthe unenkinga yokuthi abantu bagxeka amaphoyisa hhayi izigebengu.
“Akekho oya ezigebengwini ayothi zihlome kakhulu, zibe ziphethe ama-AK47, kanti amaphoyisa kuthiwa kumele ayobhekana nazo engahlomile, uma exoshwa kumele abonge abulawe. Lokho ngeke kwenzeke, akwenzeki.”
Ungqongqoshe wengeze ngokuthi amaphoyisa enza umsebenzi wawo nje.
“Kodwa-ke ayikho impi phakathi kwethu nezigebengu, kodwa uma zisivimba ekwenzeni lokho esithunywe ukuba sikwenze, ukuqinisekisa ukuthi abantu nezingane baphephile, sizozivikela.”