Iziphathimandla zezempilo zinxusa ukuthi umphakathi uqaphe njalo njengoba sekuqinisekisiwe amanye amacala amabili e-Mpox e-KZN naseGauteng. UMnyango uthe owesilisa, 36, ungeniswe esibhedlela saseThekwini ezinsukwini ezimbalwa ezedlule ngemuva kokuba nezimpawu.
Icala laseGauteng lithinta umfana oneminyaka engu-20 owayevakashele ePeru.
Nokho okhulumela lo mnyango uFoster Mohale uthe akucaci ukuthi lesi sifo wabhekana naso yini ezweni laseNingizimu Melika noma eNingizimu Afrika.
“Lokhu kwenyusa isibalo sabantu abahaqwe yilesi sifo sisuka ku-22 saya ku-24. Bangu-12 ababikwe eGauteng, abangu-11 KwaZulu-Natal noyedwa eWestern Cape.
Uthe inqwaba yomuthi weTecovirimat unikelwe ezweni yiWorld Health Organisation ngeledlule, ukusiza ukuvikela ukubhebhetheka kwalesi sifo.
“Imisebenzi yokulandela umkhondo nokuqapha othintana nabo iyaqhubeka emiphakathini ethintekile kuzo zombili izifundazwe. Bonke abantu abasolakala ukuthi banezimpawu bayakhunjuzwa ukuthi bavakashele isikhungo sezempilo esiseduze ngokushesha ukuze bathole ukuhlolwa komtholampilo, ukuxilonga, kanye nezindlela zokwelashwa,” kwengeza uMohale.
Kanti lemithi enikelwe i-WHO ukuvimbela ukusabalala kwalesi-sifo isebenza igcine kuphi, noma kugcinwa icala ✍️