UMnyango Wezempilo umemezele izinhlelo zokusheshisa ukuthengwa kwemithi yokugoma kanye nokwelapha i-mpox, kulandela isimemezelo se-African Union sokuqubuka kwalesi sifo njengesimo esiphuthumayo sezempilo yomphakathi. Lesi simemezelo siza ngesikhathi inhlangano yezempilo emhlabeni iWorld Health Organisation (WHO) ihlangene nongoti bezempilo emhlabeni wonke ukuze kuhlelwe amasu okuthi kunganqandwa kanjani ukubhebhetheka kwaleli gciwane.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo uFoster Mohale ukuqinisekisile ukuphuthuma kwalesi simo, wathi nakuba isimemezelo se-African Union sisezwenikazi lonke, yi-WHO kuphela enegunya lokumemezela i-Pox Emergency Emergency of International Concern (PHEIC). UMohale ugcizelele ukubaluleka kokulandela izimiso zokuphepha kanye nokuqinisekisa ukuthi noma yimiphi imithi yokugoma egunyaziwe iyasebenza futhi iphephile, ukugwema ukubeka izimpilo engcupheni enkulu.
INingizimu Afrika ibike izehlakalo ezingama-24 ze-mpox, okuhlanganisa nabathathu abashonile. I-WHO njengamanje ihlola ukuthunyelwa kwemithi yokugoma evela kubakhiqizi njengengxenye yempendulo yayo yomhlaba wonke kulokhu kuqubuka.
UMohale uqinisekise ukuthi uhulumeni uzibophezele ekuphatheni lesi simo ngokuqapha, ebeka eqhulwini kokubili ukusebenza kahle nokuphepha kwanoma yikuphi ukwelashwa noma imithi yokugoma engase yethulwe. Njengoba leli gciwane liqhubeka nokusabalala, uMnyango wezeMpilo unxusa umphakathi ukuthi uhlale uqaphile futhi ulandele izinyathelo zokuphepha ezinconyiwe.