Bangu-90 abokufika base-Ethiopia abangenazo izincwadi okusolakala ukuthi bavalelwe ngaphandle kwemvume yabo, bahlengwe ngesikhathi amaphoyisa enza umkhankaso eGoli.
Ithimba eliyisipesheli belithungatha isisulu sokuthunjwa ngesikhathi liphinde lathola abantu bokufika abangenazo izincwadi abatholwe bevalelwe, futhi bepakishwe emakamelweni eSunnydale Ridge.
Okhulumela amaphoyisa u-Athlenda Mathe uthe isimo abatholakale bekuso besingesihle neze.
“Kuyaphenywa mayelana nokuthi laba bokufika bashushumbiswe bafika kanjani eNingizimu Afrika.”
“Phakathi kwabantu base-Ethiopia bekukhona nesisulu ebesithunjiwe esiphinde sahlengwa naso.
Isisulu sithunjwe eBenoni ngoLwesibili ntambama, nalapho abathumbi baso beqale khona ukufuna amakhulu ezinkulungwane zemali yesihlengo emndenini waso.”
Abomdabu base-Ethiopia bonke baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole usizo lwezempilo.
Kuboshwe ababili abasolwa ngokushushumbisa abantu kanye nabathumbi abatholwe kule ndawo.
“Kungenzeka babhekane namacala okuthumba nokushushumbisa abantu kanti kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge maduze,” kusho uMathe.
Icala selidluliselwe kwiDirectorate for Priority Crime Investigations (HAWKS) ukuze kuqhutshekwe nophenyo.