Iqeqebana lothisha abangasebenzi KwaZulu-Natal lisigxekile isabelomali soMnyango wezeMfundo. NgoLwesibili, uNgqongqoshe wezeMfundo, uMnuz Sipho Hlomuka, uveze imininingwane yesabelomali somnyango esicela ku-R63 billion esiShayamthetho sesifundazwe.
UHlomuka uthe u-80% wesabelomali uzosetshenziselwa ukunxeshezelwa kwabasebenzi.
UNgqongqoshe uveze ukuthi ezikhundleni ezingu-107,503 eziphasisiwe, zingu-99,261 ezigcwaliswe ngoNhlangulana kanti u-87% oqashwe ngothisha.
Uthi ukuze baphumele obala bathathe isinqumo sokuthi bakhangise ngezikhala zothisha abasezingeni lokuqala, bafake nesikhangiso esizophuma maduze ukuze othisha abasuke beneziqu abangasebenzi bakwazi ukufaka izicelo.
Nokho othisha abangasebenzi akade bekanise ngaphandle kwamahhovisi omnyango eMgungundlovu basole uMnyango ngokungasiphenduli izikhalo zabo.
OLUNYE UDABA: USimelane uxwayisa ngomthelela wokwehliswa kwesabelomali ezinsizeni zezempilo e-KZN
“Thina njengothisha abangasebenzi asineme ngesabelomali sakhe, isabelomali sakhe esiningi sizoya kothisha bePPN, labo thisha abahleli emakhaya bayahola,” kusho omunye uthisha.
“Bathini ke othisha base PLI akukho lutho kithina sisazofundisa emakhaya siyayidinga imisebenzi safunda safunda kodwa ekugcineni sihleli emakhaya neziqu zethu lokhu akulungile.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana