Kweqe isiboshwa esiyingozi eBoksburg Correctional Centre eGauteng. UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uthi uMartin Jackson udonsa isigwebo seminyaka engu-20 ngamacala okugebenga, ukweba kanye nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni. Akucaci ukuthi weqe kanjani. UMnuz Singabakho Nxumalo…
SELIQINISEKISE UKUTHI ALIYI NDAWO ILUNGA LE-EFF ELIKHONJWA NABAZOLANDELA UMPOFU
Seliqinisejkise ukwethembeka kwalo kuMholi we-EFF elinye lamalungu alenhlangano emva kokumemezela kokushiya kuleliqembu kwalowo owayengusihlalo walo u-Advocate Dali Mpofu. Izindaba zokusula kukaMpofu kanye nokujoyina kwakhe iqembu loMkhonto Wesizwe zivele namuhla ekuseni emva kwenkulumo…
KUXWAYISWA ABAKULELI UKUTHI BANGALUBHADI EMOZAMBIQUE NJENGOBA KUNEZIBHELU ZODLAME
UMnyango Wezobudlelwano Namazwe Ngamazwe Nokubambisana ukhiphe iseluleko sezokuvakasha eMozambique ehlaselwe imibhikisho. UChrispin Phiri walo mnyango uthi ngenxa yesimo sezokuphepha esikhona eMozambique, uMnyango ukhuthaze bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahlehlise ukuhambela okungabalulekile kuleliyazwe…
KUDUTSHULWE KWABULAWA OKUSOLAKALA UKUTHI BEBESENDLELENI YOKUYOBULALA USOMATEKISI EMAHLABATHINI
Abasolwa ababili badutshulwe bashona ngesikhathi bedubulana namaphoyisa eMahlabathini esiFundeni saseZululand ngoLwesithathu ebusuku, mhla ziyisi-6 kuLwezi wezi-2024. Amaphoyisa ezobunhloli aqoqe ubufakazi ngabasolwa ababili abebehamba ngemoto yohlobo lwe-VW Polo ebomvu okuthiwa bebesendleleni beyobulala umnikazi…
KUCELWE UKUBA KUMISWE UKUTHENGISWA KOKUDLA EZIKOLENI NGENXA YOKWANDA KWEZIGAMEKO ZOKUSHONA KWABANTWANA
I-Gauteng Portfolio Committee on Education isiphakamise ukuthi kumiswe okwesikhashana ukudayiswa kokudla emagcekeni esikole kuze kutholakale umsuka walokhu kungcola. Lokhu kuza njengoba ziya ngokwanda izigameko zezinsolo zokudla okunoshevu kubafundi. Izelamani ezimbili zisanda kushona…
WESULILE ESIKHUNDLENI UNOBHALA JIKELELE WEQEMBU I-MK
UNobhala-Jikelele woMkhonto weSizwe (MK) uDkt Sifiso Maseko wesulile esikhundleni sakhe. UMaseko ubambe lesi sikhundla izinyanga ezine. Yize eseyilungu leqembu kodwa ubalula izimo zakhe zokuqashwa njengamanje njengesizathu sesinqumo sakhe. Encwadini ayibhalele umholi we-MK…
LITHI KUSAKALA ESALO ISICATHULO IKHANSELA LASEMSUNDUZI ELAXOSHWA NGENYANGA EDLULE
Ikhansela le-IFP elaxoshwa uSibusiso Ntuli uphonsela inselelo ukhetho lokuchibiyela kuWadi 2 eMsunduzi, ethi useyilungu le-IFP kanye nekhansela lendawo. UNtuli uxoshwe ngenyanga edlule umkhandlu kazwelonke we-IFP ngenxa yokungaziphathi kahle, nokho uthi uhlelo lwakhe…
KUDINGEKE ATHATHWE NGENDIZA ENOPHEPHELA EMHLANE OLIMALE ENGOZINI YEMOTO
Uvalwe okwesikhashana umgwaqo u-M19 ePinetown ukuze indiza enophephela emhlane yezokwelapha ihlale ukuze iphuthumise isiguli esilimele kanzima esibhedlela. Abezimo eziphuthumayo balaphe owesilisa owayelimale engozini yemoto eyodwa ngaphansi kweBhuloho i-Otto Volek ngoLwesithathu ekuseni. Imoto…
BANXUSWE UKUTHI BABEKE UMPHAKATHI PHAMBILI ABAHOLI ABASHA KWADUKUZA
I-ANC esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza isinxuse amalungu amasha aKwaDukuza ukuthi asebenzele abantu kuqala hhayi bona.U-Ali Ngidi noNjabulo Cele baqokwe ngokuhlukana kwabo njengeMeya nePhini leMeya ngesikhathi kuhleli umkhandlu ngoLwesibili. Ukukhethwa kwabo kuza ngemuva…
UGWETSHWE UDILIKA JELE OWESILISA OWABULALA INTOMBI YAKHE IDLE IMALI YAMALOBOLO AYO
Unogada, uLouis Serenetra Moyo, 49, uthole udilikajele ngecala lokubulala umlingani wakhe, uThobile Grace Khoza, ngemuva kokuthola ukuthi usebenzise imali abeyibekele ilobolo. UMoyo, ongowokufika ovela eZimbabwe ongenazo izincwadi, akakwazanga ukuvula i-akhawunti yasebhange eNingizimu…
THOKOLA THEMBA AMATHUNZI AYEWUKELA EKZN NGODABA LWAMANZI – MAJODINA
Ungqongqoshe wezamanzi nokuthuthwa kwendle uPemmy Majodina uthi sekunenqubekela phambili ekulweni nenkinga yamanzi ezindaweni ezahlukene eKZN. NgoLwesibili ekuseni, uMajodina wethule umbiko wakhe wezinsuku eziyi-100 ehhovisi. Ugxile ekusebenzeni komnyango. UMajodina uthe iBhodi Yamanzi yoMngeni-uThukela…
KUPHEPHUKE UPHAHLA LOMTHOLAMPILO WASENTABAMHLOPHE EMTSHEZI
UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uthi ziningi izikhungo ezicekeleke phansi ngenxa yemvula enamandla esanda kudlula. Okhulumela uMnyango uNathi Olifant uthi imitholampilo nezibhedlela eziseMgungundlovu, uThukela kanye neziFunda zeTheku zithintekile. “Esifundeni sasoThukela, eMtholampilo waseNtabamhlophe, ngaphansi kweSibhedlela…