Amabhodlelana amancane kagologo aziwa ngele,”shooter” obizwa nge-BUZZ luzokhishwa emashalofini esitolo. Umkhiqizi walogologo iCraftLink kuphoqeleke ukuthi ususe lomkhiqizo emashalofini emva kokuthi izimbangi zabo, i-BUG, ifake isikhalazo esisemthethweni. I-BUG ithe lomkhiqizo ukopele yonke into yawo—isebenzisa imibala efanayo futhi nendlela ekuhlelwe ngayo ibhodela labo ifana nse nelabo—okungadida amakhasimende futhi kuphazamise idumela elihle le-BUG. Iphendula, i-CraftLink ivumile ukuyeka ukuthengisa i-BUZZ ngokushesha.
Ngokuhlukana, i-KWV, okuyiyona i-BUG engaphansi kwayo, nayo ithathe isinyathelo ngokumelene ne-BUZZ. Bathe uphawu lwe-BUZZ lwezinyosi lufana kakhulu nolwe Bug futhi lungadukisa abathengi. Ukungenelela kwe-KWV kufike ngemuva kokuthi i-BUG ifake isikhalazo sayo, yasheshisa inqubo yokuhoxiswa kwalomkhiqizo.
Akukacaci noma iBUZZ izoshintsha indlela ebukeka ngayo maqede ibuyele emashalofini noma izophosa ithawula.