UNobhala-Jikelele woMkhonto weSizwe (MK) uDkt Sifiso Maseko wesulile esikhundleni sakhe. UMaseko ubambe lesi sikhundla izinyanga ezine.
Yize eseyilungu leqembu kodwa ubalula izimo zakhe zokuqashwa njengamanje njengesizathu sesinqumo sakhe.
Encwadini ayibhalele umholi we-MK Party, owayenguMengameli uJacob Zuma, uMaseko uzwakalisa ukubonga kwakhe ngaleli thuba futhi uzibophezele ekusebenzeni kunoma yisiphi isikhundla okuhlanganisa nokugcina indima yakhe njengelungu loMkhuzi Ophakeme Kazwelonke.