Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UGWETSHWE UDILIKA JELE OWESILISA OWABULALA INTOMBI YAKHE IDLE IMALI YAMALOBOLO AYO

Posted on 5 November 2024

Unogada, uLouis Serenetra Moyo, 49, uthole udilikajele ngecala lokubulala umlingani wakhe, uThobile Grace Khoza, ngemuva kokuthola ukuthi usebenzise imali abeyibekele ilobolo. UMoyo, ongowokufika ovela eZimbabwe ongenazo izincwadi, akakwazanga ukuvula i-akhawunti yasebhange eNingizimu Afrika, ngakho wasebenzisa i-akhawunti kaKhoza ukonga iholo lakhe. Laba babehlala ndawonye kusukela ngo-2020, uMoyo ebehlose ukushada noKhoza uma lemai isphelele.

NgoMashi uMoyo wathola ukuthi uKhoza usebenzise u-R15 000 abewulondolozile. Ngesikhathi bexabana, wamhlasela esebenzisa izinto ezahlukene wagcina ngokumgwaza, wopha waze wafa. Wakhiya ikamelo wabaleka. Ezinsukwini ezintathu kamuva, isidumbu sikaKhoza satholwa umnikazi wendawo, etshelwa iphunga elibi elithaphuka ekamelweni.

UMoyo waboshwa ngokushesha, watholwa nekhadi lasebhange likaKhoza, umazisi kanye nocingo. Enkantolo, uvumile ukuthi wabulala, ethi wenziwa ukudinwa. Nokho, umshushisi uthe lomlisa wakhombisa isihluku esingenangqondo kowesifazane ongenacala okwakufanele azizwe elondekile ekhaya.

Umahluleli uDario Dosio usigxekile isenzo sikaMoyo, egcizelela ubukhulu bodlame olubhekiswe kwabesifazane eNingizimu Afrika kanye nesidingo sokujeziswa okuqinile ukuze kunqandwe amacala anjalo. Kanye nesigwebo sikadilikajele ngecala lokubulala, uMoyo uthole ezinye izinyanga eziyisithupha ngokuba sezweni ngokungemthetho.

UPhindi Mjonondwane, okhulumela iNational Prosecuting Authority, uzwakalise ukuzibophezela kwe-NPA kwezobulungiswa kwabahlukumezekile futhi wagcizelela ukubaluleka kokungenelela kusenesikhathi ukuze kunqandwe izinhlekelele ezifanayo esikhathini esizayo.

Recent Posts

  • USENKINGENI UMDLALI WEKAIZER CHIEFS OKWELETA U-SARS UR6.1 MILLION
  • UZOLALISA OKWENGANE NAMUHLA OPHUNYULE KWELIKATHABO BESTER NOMAGUDUMANA
  • UFUNA KUBHEKISISWE INDABA YABOKUFIKA UNDUNANKULU WAKWAZULU-NATALI
  • USEZOKWAZI UKUKHIPHA UMCULO FUTHI USIPHOKAZI EMVA KOKUVALELEKA NGAHANDLE ENDIMENI IMINYAKA
  • UVELE ENKANTOLO UNKOSIKAZI OSOLWA NGOKUBULALA UMYENI NGENXA YOMSHWALENSE

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme