Intengo yephakethe lakho lama-fish ‘n chips isizokhuphuka kakhulu ngenxa yokushoda kwamazambane ezweni lonke. Isaziso sithunyelwe umsabalalisi wemikhiqizo emisha i-‘M&R Marketing’ evela kwa-Epping mayelana nokushoda kwamazambane ngenxa yesimo sezulu esibi esithinta isivuno. Abathengisi…
KUBOSHWE ABOKUFIKA KULELI ABANGAPHEZU KUKA-100 ENKABENI YETHEKU
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal agasele endaweni yasePhoyinti eThekwini ngoLwesibili ekuseni.Sekuqinisekisiwe ukuthi bangaphezu kuka-100 abantu bangaphandle abasolwa ngokuba ngabokufika ababoshiwe. Iningi belihlala emabhilidini okuthiwa aduniwe kule ndawo. Lo mkhankaso ubuhlose ukubhekana nezindaba eziphathelene nezibhamu ezingekho…
BAZOPHENYWA ABADAYISA IZINDLU ZOMXHASO – MMAMOLOKO KUBAYI
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uMmamoloko Kubayi uthi sekuqalwe uphenyo mayelana nokudayiswa nobunikazi bezindlu zomxhaso.UKubayi ubikele abezindaba ngezinhlelo nentuthuko emkhakheni wezokuhlaliswa kwabantu ePitoli ngoMsombuluko. “Ngicele ithimba labameli emnyangweni ukuthi lisebenzisane nezinkampani zabameli kanye nophenyo…
UZOVELA ENKANTOLO OWESIFAZANE WASENYUKHASELA OQAMBE AMANGA WATHI UTHUNJIWE EBE ENCEBELEKA NESOKA
Owesifazane waseThekwini kanye nomsolwa athandana naye bazovela eNkantolo yeMantshi yaseVerulam ngoLwesibili ngezinsolo zokuqamba amanga ngokuthunjwa. Ngesonto eledlule lo wesifazane kubikwa ukuthi watshela umyeni wakhe ukuthi udunwe imoto wabe esevalelwa ebhuthini yemoto yakhe…
KUXWAYISWA NGEMILILO YEQUBUKA ELINDELEKE NAMUHLA E-KZN
I-SA Weather Service isikhiphe isexwayiso mayelana nezimo eziyingozi kakhulu zomlilo ezindaweni eziningi e-KZN ngoLwesibili.I-KZN Cogta ithi amathimba abhekelele izinhlekelele aqaphile. Lesi sexwayiso sikhombisa ukuthi iKZN izoba nezimo ezomile nezishisayo namuhla, okuzonyusa amathuba…
ALIYI NDAWO ITHALA BANK
Emva kwemiphiko ekhathaze amakhasimende amaningi ebhange labantu iThala , uNgqongqoshe wokuthuthukiswa komnotho nezokuvakasha kulesifundazwe uMfu Musa Zondi ehambisana nabaphathi bebhange babe nesithangami nabezindaba eThekwini. Izikhulu eziphezuli zithi ibhange lizoqhubeka lisebenze njengojwayelekile azikho…
ISOLILO KUMISWA AMABHASI EMNAMBITHI
Bayakhala abagibeli bamabhasi akwa BTI ezingxenyeni zasemnambithi kuqubuka imibiko yokumiswa kokuhamba kwawo. Kubikwa ukuthi abamboni yamatekisi eMnamnithi isithathe isinqumo sokuba kuvalwe ukuhamba kwenkampani yamabhasi uBTI kweminye imizila ngoba kuthiwa lamabhasi asemaningi kakhulu….
AMAPHOYISA ADUBULE OWOKUFIKA KULELI OBEFUNWA UTHULI E-KZN
Uyalulama esibhedlela eRichards Bay osolwa ngokubulala egadwe ngamaphoyisa ngemuva kokulimala ngesikhathi sokudubulana.Ingxabano namaphoyisa yenzeke ngeSonto eMadlankala Esikhaleni. Iziphathimandla zithi lo wesilisa, 52, ongowokufika, ubefunwa uthuli ngecala lokubulala elenzeka endaweni ngonyaka odlule. Okhulumela…
ISIWAHOXISILE AMAZWI AYO OKUTHI AKUQHASHWE ABOKUFIKA IMEYA YASEGOLI
USihlalo we-African National Congress (ANC) eGoli kanye nemeya yedolobha uDada Morero usihoxisile isiphakamiso sakhe sokuqashwa kwabokufika eMnyangweni Wamaphoyisa kaMasipala waseGoli kulandela ukugxekwa okukhulu. Ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela yesigungu esiphezulu se-ANC sesifunda ngeSonto, morero…
ISILO SIFUNA KUBUYISELWE IBHANGE ITHALA IMVUME YOKUSEBENZA
Inkosi yaMaZulu uMisuzulu KaZwelithini ithi ukumiswa kwelayisensi yeBhange iThala kuzophazamisa izinkulungwane zabantu eKZN nasezimpilweni zabo.IFinancial Sector Conduct Authority ithi ibhange likahulumeni belingaphansi kweso elibukhali njengoba lehlulekile ukuhlangabezana nezidingo zezimali. I-FSCA ithi i-solvency…
KUGWAZWE KWABULAWA UMHLENGIKAZI ESIGCEMENI SAKWA-C EZAKHENI
Namanje usamangele umphakathi waseZakheni esigcemeni sakwa-C elokishini laseZakheni eMnambithi emva kokuba kutholakale isidumbu sowesifazane endlini lapho eqhashe khona kuyo lendawo ngesonto ekuseni. Lona wesifazane okuthiwa ungumhlengikazi khona eMtholampilo wakulendawo, utholakale enamanxeba okugwazwa….
BABULAWE MAQEDE BAPHAKELWA IZINGULUBE ABESIFAZANE ELIMPOPO
Ayikakholwa namanje emindeni yabesifazane abadutshulwe baphoswa ezingulubeni eplazini lezigngulube iSebayeng. UMaria Makgato kanye noKudzai Ndlovu okwakubikwe ukuthi badukile, bathilakale badutshuliwe babulawa eplazini ngesonto eledlule izinsalela zemizimba yabo zatholakala lapho kuvalelwa khona izingulube….