Isikhulu somnyango wezemfundo ngaphansi komkhandlu amaJuba UMnumzane Zethembe Nkosi utshele izathemeli ebezise mcimbini okuklomelisa abafundi base Newcastle abanze kahle ngonyaka owendlula ukuthi into eyenza kusebenzeke kanzima ezikoleni zase Newcastle ilamaqembu emigulukudu ahlukumeza…
Category: Izindaba Zomphakathi
ZINGAPHEZU KUKA 22 000 IZIBOSHWA ZOKUFIKA EZIGQUNYWE EMAJELE AKULELI
USihlalo wekomiti lezokuhlunyeleliswa kwezimilo ePhalamende, uKgomotso Ramolobeng, usezwakalise ukukhathazeka ngokugcwala kwamajele, eveza nokuthi umthelela omkhulu walokhu ukuboshwa kwenqwaba yabokufika emajele akuleli. Ekhuluma esithangamini sakamuva, uRamolobeng udalule ukuthi kusukela ngoNdasa wonyaka odlule, bangu-22…
AKUSENSUKU ZATSHWALA KUKHISHWE ISINQUMO ECALENI LIKA-OMOTOSO
Umfundisi waseNigeria uTimothy Omotoso (63) kanye nalowo asolwa naye, uLusanda Sulani (41) noZikiswa Sitho (33), bazozwa ngekusasa labo ngomhlaka-2 Ephreli 2025. Laba abathathu, ababoshwa ngo-2017, babhekene namacala angu-32, okuhlanganisa awokudlwengula, ukushushumbisa abantu….
I-NSFAS INIKEZWE AMASONTO AMABILI OKUTHI IKHOKHE YONKE IMALE EYIKWELETA OMASTENDE BABAFUNDI
I-Private Student Housing Association inikeze iNational Student Financial Aid Scheme amasonto amabili ukuthi ikhokhele imali yokuqasha ukuze kugwemeke inkinga yendawo yokuhlala yabafundi. Le nhlangano ithi lolu hlelo lukweleta u-R44 million amalungu ayo…
UMNYANGO WEZEMPILO UXWAYISA NGAMAJAZI OMKHWENYANA ANGUMBOMBAYI
UMnyango wezeMpilo usukhiphe isexwayiso emphakathini mayelana namakhondomu omgunyathi asetshenziswayo njengamanje, unxusa abathengi ukuthi bahlale beqaphile futhi babike uma kukhona okusolisayo. Ibamba LePhini Lomqondisi Jikelele Wezinhlelo Zezempilo, uRamphelane Morewane uthi lolu daba lwaqala…
KUYAXHUTHA EMGUNGUNDLOVU YINDLE EGCWELE EMIZINI YABANTU
Ikhansela lesigceme eMgungundlovu lithi likhathazekile ngokuchitheka kwendle okuqhubekayo nokubeka impilo yezakhamuzi engcupheni. Kuyaqondakala ukuthi amapayipi okuthuthwa kwendle avalwe wutshani obumile emapayipini endle ezindaweni ezihlanganisa iNorthdale kanye neRiverside. Ikhansela uRenisha Singh uthi sekuneminyaka…
KUBOSHWE ABALISA ABABILI BEBANJWA NENSANGU IGCWELE PHAMA ILOLI
NELSPRUIT – Amaphoyisa abophe amadoda amabili, aneminyaka engu-31 no-39 ubudala, ngeSonto, 19 January 2025, emgwaqeni u-R38 eLow’s Creek. Babanjwe nensangu elinganiselwa ku-R2.4 million. Laba baboshwe ngesikhathi kuqhubeka i-Operation Vala Umgodi eMpumalanga. Amaphoyisa…
WENQABE IBHEYILI UMLISA OBOSHELWE UKUTHUMBA NOKUDLWENGULA ONESI ABABILI
Owesilisa, 27, uSathekge Moloto, uvele eNkantolo yeMantshi yasePolokwane izolo. Usolwa ngokuthumba, ukushaya nokudlwengula abahlengikazi ababili baseGa-Chuene Clinic eLimpopo ngomhlaka-10 Januwari. UMoloto uboshwe ngoMgqibelo emzini wakhe osesigodini saseFeke, eGa-Maja, ngemuva kokuthi amaphoyisa emmatanisa…
IMEYA INCOME IZICISHAMLILO EZISIZE UKUBELETHISA OWESIFAZANE
Izicishamlilo zaseMfuleni Fire Station zisize ngokubelethisa ingane yomfana ephile saka ngoLwesihlanu, 17 January 2025. Lena ingane yesithathu ebeletha kusukela ngoDisemba. Isikhungo sezicishamlilo saziwa kakhulu emphakathini ngokusiza abantu ngezikhathi eziphuthumayo. Kulokhu, abagcinanga nje…
UZOVELA ENKANTOLO NAMUHLA UMLISA OTHOLAKALE NENWQABA YEZITHOMBE ZEZINGANE EZINQUNI
Owesilisa waseMidrand osolwa ngokugcina kanye nokusabalalisa izithombe zocansi zezingane emhlabeni jikelele kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoMsombuluko. Umsolwa oneminyaka engu-35 ubudala uboshwe ngesonto eledlule ngesikhathi uphiko lweSouth African Police Service (SAPS) luqhubeka…
I-CPF YASENANDA INOVALO LOKUTHI KUNGAQUBUKA UDLAME EMVA KOKUBOSHWA KWABASOLWA EKUBULAWENI KWABANGU-12
I-Community Policing Forum eNanda ithi inovalo lokuthi udlame lungase ludlondlobale endaweni esenyakatho yeTheku. Abasolwa abangu-12 abathinteka emacaleni okubulala amadoda amahlanu bazovela eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoMsombuluko. Amaphoyisa athole izidumbu zabo ngoLwesihlanu. Kusolwa ukuthi…
KUBONSHWE ABANGU-38 NGEMPELASONTO ABAKULELI NGOKUNGEMTHETHO ELIMPOPO
Amaphoyisa aseNingizimu Afrika eLimpopo abophe abantu bakwamanye amazwe abangama-38 abangenazo izincwadi ngesikhathi somkhankaso i-Multidisciplinary Operation Vala Umgodi, nowenzeke phakathi kuka-17 no-18 January 2025. Laba baboshwe kuzo zonke izifunda ezinhlanu zaseLimpopo, ngesikhathi kunemikhankaso…