Owesilisa waseMidrand osolwa ngokugcina kanye nokusabalalisa izithombe zocansi zezingane emhlabeni jikelele kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoMsombuluko.
Umsolwa oneminyaka engu-35 ubudala uboshwe ngesonto eledlule ngesikhathi uphiko lweSouth African Police Service (SAPS) luqhubeka nomkhankaso wokwehlisa izintambo.
Amaphoyisa athi athole izithombe nama-video alinganiselwa ezigidini ezingu-10 ezinto ezihlukumeza izingane ngokocansi ekhompyutheni nasemafonini akhe, eshaqwe ngesikhathi kugasela emzini wakhe oseMidrand.
Kuphinde kwatholwa imali okukholakala ukuthi iyinzuzo yobugebengu.
Ukuboshwa kwenziwe yithimba lophiko oluphenya ngobugebengu obulandelanayo nolwe-elekthronikhi.
Amaphoyisa alandela amacala afana nalawa ezweni lonke njengoba sekuboshwe abasolwa abangu-21 ngamacala ahlobene nezithombe zocansi zezingane eminyakeni emibili edlule.
NgoZibandlela wezi-2024 kuphela, owayenguthishanhloko ePitoli nowesilisa waseVanderbijlpark baboshwa emikhankasweni efanayo.
Umsolwa kuleli cala ubhekene namacala amaningi, okuhlanganisa ukutholakala nokusabalalisa izithombe zocansi zezingane, ukutholakala nezidakamizwa kanye nokukhwabanisa.
Okhulumela amaphoyisa u-Amanda van Wyk uthe: “Ukuboshwa kuvele emininingwaneni eyabelanwa ngabomthetho wamazwe omhlaba namaphoyisa ngemuva kokuhlonza isigameko esiseNingizimu Afrika. Olunye uphenyo olwenziwe ngamathimba luveze ukuthi umsolwa ubamba futhi usabalalisa izithombe zocansi zezingane emhlabeni wonke ukuze azuze ngokwezimali.”
Usagcinwe esitokisini njengoba uphenyo lusaqhubeka.