Owesilisa, 27, uSathekge Moloto, uvele eNkantolo yeMantshi yasePolokwane izolo. Usolwa ngokuthumba, ukushaya nokudlwengula abahlengikazi ababili baseGa-Chuene Clinic eLimpopo ngomhlaka-10 Januwari.
UMoloto uboshwe ngoMgqibelo emzini wakhe osesigodini saseFeke, eGa-Maja, ngemuva kokuthi amaphoyisa emmatanisa naleli cala. Lomlisa evela enkantolo unqabile ukufaka isicelo sebheyili ngenxa yokusabela impilo yakhe.
Ekhuluma ngaphandle kwenkantolo, uKhomishana wamaphoyisa eLimpopo, uGeneral Thembi Hadebe, uthe uMoloto ubhekene namacala ayishumi. Nokho ukuvela kwakhe enkantolo izolo bekugxile emacaleni amabili.
“Silinde olunye uphenyo lwamaphoyisa kanye nemiphumela yolibofuzo oluhlobene namacala okudlwengula,” kusho uHadebe. Uqhube wathi amaphoyisa anobufakazi obuqanda ikhanda ngoMoloto, okuhlanganisa nomakhalekhukhwini womunye wabahlengikazi owatholwa kuye.
Amaphoyisa agcizelela ukuthi imiphumela yolibofuzo izobe isilungile ngaphambi kokuba icala libuyele enkantolo ngomhlaka-9 Ephreli.
UNgqongqoshe Wezempilo eLimpopo, uDieketseng Mashego, uthi uphenyo ngenkampani yonogada eGa-Chuene Clinic selushubile. Lokhu kulandela imiyalelo kaNdunankulu uDkt. Phophi Ramathuba, owabuza ukuthi kwenzeka kanjani ukuba umsolwa oyedwa akwazi ukunqoba onogada abathathu ngesikhathi sokuhlasela kwangomhla zili-10 kuMasingana.
Ekhuluma ngeSonto, uRamathuba uthe: “Angisho lutho, kodwa awukwazi ukuba nonogada abathathu behlulwa ngumuntu oyedwa. Yebo ubesiphethe isibhamu kodwa okucikayo wukuthi umsolwa uthathe onesi besifazane ababili washiya unogada wesifazane obengaboshiwe. Wathola ithuba lokufona ecela usizo kodwa lutho. Kungenzeka ukuthi siqashe abantu abangakwazi ukuthi benzani.”
UMashego uthe uphenyo luzocacisa ukuthi onogada bayilandele yini imigomo efanele. “Uma kutholakala ukuthi kukhona ukwephulwa kwenkontileka, izothathelwa izinyathelo inkampani,” kusho yena.
UMashego wengeze ngokuthi lesi sigameko senze ukuthi kubuyekezwe ezinye izinkampani zonogada ezivikela imitholampilo esebenza amahora angu-24 ukuze kuqinisekiswe ukuthi zihlinzeka ngezidingo ezifanele.
Uphinde waqinisekisa ukuthi abahlengikazi ababili bathola ukwesekwa okudingekayo.