Ikhansela lesigceme eMgungundlovu lithi likhathazekile ngokuchitheka kwendle okuqhubekayo nokubeka impilo yezakhamuzi engcupheni. Kuyaqondakala ukuthi amapayipi okuthuthwa kwendle avalwe wutshani obumile emapayipini endle ezindaweni ezihlanganisa iNorthdale kanye neRiverside.
Ikhansela uRenisha Singh uthi sekuneminyaka bebhekene nalenkinga,
“Lokhu empeleni kuphuca abahlali impilo esezingeni elibafanele. Abakwazi ngisho nokukhululeka egcekeni lazo ngenxa yephunga elibi eliphuma kulesi sitamkoko esigcwele, kanti iningi labo seligula ngempela. Kunezakhamizi ezimbalwa ezithole kodokotela ukuthi amasosha abo omzimba asengozini.”
Unxuse uMasipala uMsunduzi ukuthi uxazulule lolu daba.
“Sengibe nemihlangano eminingi kanye nemihlangano yasendaweni, okuhlanganisa nokuvakashela izikhungo nalo lonke ithimba lezokuthuthwa kwendle kanye nephini lemeya njengosihlalo wehhovisi lengqalasizinda, kodwa ngemuva kwale mihlangano, akubanga nampendulo.”