Umama womfana oneminyaka eyishumi ubudala waseLephalale eLimpopo, owathunjwa wayiswa esikoleni sokusoka, ufuna iziphathimandla zithathele izinyathelo umnikazi wesikole sokusoka. UNathan Mokoena wanyamalala ngoLwesine ntambama ephuma esikoleni. Amaphoyisa alunywe indlebe, ingane yatholwa endaweni eqhele…
Category: Izindaba Zomphakathi
UKHALA EZIMATHONSI UMCULI OSAFUFUSA NGOKUNGAKHOKHELWA YILADYSMITH SHOW
Umculi weKwaito osafufusa uMahlangi ongowokudabuka eMnambithi endaweni yaseWatersmeet eGcizela ukhala ezimathonsi emva kokuba angakhokhelwanga imali yakhe ayeyithenjiswe abahleli bomcimbi iLadysmith Show yalonyaka. Lomculi osezinze eThekwini ngokuhlala, uthi wacelwa abahleli balomcimbi bebambisene nomnyango…
KUZONGENELELA U-SASSA EKUHLINZEKENI NGEZINSIZA KWABAKHAHLANYEZWE YISISHINGISHANE OTHONGATHI
Njengoba kuqhubeka imizamo yokusiza oThongathi, enyakatho yeTheku, kulandela isishingishane sangoMsombuluko, iSouth African Social Security Agency (SASSA) KwaZulu-Natal ithe nayo izohlanganisa imizamo. Inhlangano yonogada esifundazweni ithe isivele itshale amathimba azohlola. Nakuba imizamo yokusiza…
KUSHONE UMUNTU KUSHA INDLU NGENXA YESOKA
Kushe kwangqongqa indlu eNewcastle ku Dixon Street ngolwesine ebusuku. Indlu ehlala abantu abahlukene abaqashile ithungeleke ngomlilo kwashona owesifazane oyedwa. Ngokombiko ovela kubahlali bakulendlu abangathandanga ukudalulwa bathi kusuke isidumo ngenkathi owesifazane efika endlini…
BAZOTHOLELWA IZINDLU ZESIKHASHANA ABAKHAHLANYEZWE YIZIKHUKHULA
UPresident Cyril Ramaphosa uhambele endaweni yaseNelson Mandela eEastern Cape njengoba bekuhlasele izikhukhula ukuyobheka umonakalo nokududuza abakhahlamezekile Ekhuluma ehholo lomphakathi eLaplan eKariega, lapho kubekhona izikhukhula uthe uhulumeni uzohlinzeka ngosizo kulabo abakhahlamezekile abalekelele nangamalungiselelo…
USATHUTHUMELA UTHINA ZUNGU EMVA KOKUBA IZIGEBENGU ZIKHUPHUKELE ESTEZI ZIHLOMILE
NJENGOBA ubugebengu budlondlobala mihla namalanga eNingizimu Afrika, umculi we-gospel ophinde abe ngumfundisi uThinah Zungu ubonge ukuthi uphephile ngemuva kokugetshengwa kwakhe nomndeni wakhe bekhonjwe ngezibhamu yizigebengu ezingaziwa ezintshontshe imoto nezimpahla zakhe. Ngokubika kwe…
AMAPHOYISA ATHOLE ISIDLEKE ESIKHIQIZA IZIDAKAMIZWA ETHEKWINI
UKhomishana wamaPhoyisa e-KZN, uNhlanhla Mkhwanazi, useyalele abanikazi bezindlu abaqhashisa izindlu ukuthi bathuthukise ukuhlungwa kwabaqashi. Lokhu ngemuva kokuthi amaphoyisa egasele efulethini eliseDurban North, okuthiwa abenendawo yokusebenzela ukukhoqiza izidakamizwa. Amaphoyisa ophiko lweProvincial Drugs and…
KULIMALE ABANGAPHEZU KUKA 100 EZIVUNGUVUGWINI ZAKWAZULU-NATALI
UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane, uthe izikhungo zezempilo eThekwini zelaphe abantu abangaphezu kuka-120 ngemuva kwesishingishane esihlasele izindawo ezisenyakatho yeTheku. Iziphepho ezinamandla zihlasele izingxenye zeKwaZulu-Natal ngoMsombuluko, okubalwa kuzo uMgababa, Newcastle, Dannhauser naseNquthu….
UHULUMENI WAKWAZULU-NATAL UHAMBELE UMPHAKATHI WASOTHONGATHI
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube ehambisana noNgqongqoshe abahlukene besifundazwe esibala kubo owezempilo uNkk Nomagugu Simelane, wezokubusa nokumbisana uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, wezokuhlaliswa kwabantu Sipho KK Nkosi kanye noMeya weThekwini Cllr Mxolisi Kaunda bahambele…
IBUNGAZE IMINYAKA I-NONGOMA FM
INongomaFM ihlanganise iminyaka esishiyagalolunye izwakala emoyeni. lomsakazo womphakathi ozinze kwaNongoma enhla nesifundazwe sakwaZulu-Natal waqala ngonyaka ka2015 June 01 nalapho yavulwa ngokusemthethweni isilo samabandla onke uMdlokombane. Lo ngumsakazo ongaconsi phansi kubalaleli ngenxa yezinhlelo…
SESENYUKELE KWABANGU 11 ISIBALO SABANTU ABADLULE NGESIPHEPHO EKZN
Isibalo sabashonile ngenxa yeziphepho ezihlasele izingxenye ezithile KwaZulu-Natal sesinyuke safinyelela ku-11. UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube uthi balindele ukuthi isibalo sinyuke. Uvakashele eMagwaveni oThongathi ngemuva kokuthi isishingishane sihlasele le ndawo ngoMsombuluko ntambama. Kwabashonile…
SISHIYE KUKHALWA ISISHINGISHANE OTHONGATHI
Basale benganayo indawo yokufihla ikhanda abantu basoTongaat ngenxa yesimo esingasihle sezulu. Kubikwa ukuthi sishingishane sihlasele endaweni yasoTongaat namuhla sacekele phansi imizi eminingi abantu basale bengenamakhaya abanye balimele. Abe IPSS Medical Rescue bathi…