NELSPRUIT – IBamba likaKhomishana wamaPhoyisa eMpumalanga, uMajor General (Dkt) Zeph Mkhwanazi udangele ngesigameko esinyantisayo esenzeke ekuseni ngoLwesibili, 06 August 2024, Kabokweni, ngaphandle nje kweWhite River. “Siphatheke kabi kakhulu ngombiko walesi sigameko esibuhlungu,” kuphawula uJenene.
Lo mbono kaJenene ulandela isigameko esibuhlungu sokuhlukunyezwa ngokobulili esenzeke ngesikhathi kugujwa iNyanga Yabesifazane.
Imibiko yokuqala iveza ukuthi owesilisa udubule unkosikazi wakhe washona ngaphambi kokuba azidube ngesibhamu. Amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo bathunyelwe endaweni yesigameko kanti bobabili bashonele khona endaweni yesigameko.
Ngenkathi abaphenyi besaqhubeka nokuphenya, uGeneral Mkhwanazi ukugcizelele ukuthi inhlekelele yanamuhla iyisikhumbuzo esiqinile sesidingo esiphuthumayo sokuqwashisa, ukuvimbela, nokwesekwa kwalabo abathintwe yilolu dlame.
Njengengxenye yemizamo yokubhekana nezinselelo ze-GBVF, i-SAPS yaseMpumalanga ihlele uSuku Lomkhuleko kusasa, ngoLwesithathu 07 August 2024 e-Ermelo lapho amalungu, kanye ne-Faith-Based-Organsations bezobe behlangene futhi bakhulekela lesi sihlava.
“Sidlulisa amazwi enduduzo emindenini nakubantu esibathandayo abathinteka kulesi sigameko esibuhlungu. Udlame lwasekhaya udaba oluthinta umuntu ngamunye nemiphakathi emhlabeni jikelele, sinxusa noma ngubani okungenzeka ukuthi ubhekene noma onolwazi ngodlame lwasekhaya ukuthi afune usizo. Ziningi izinsiza kanye nezinhlelo zokusiza ezikhona, okuhlanganisa inombolo yethu ye-Crime Stop 08600 10111 kanye neZikhungo Ezilungele Izisulu eziteshini zethu zamaphoyisa esifundazweni sonke, ezingahlinzeka ngosizo neziqondiso,” kusho uJenene.