ISouth African Social Security Agency isikumisile ukukhokhelwa kwesibonelelo sikahulumeni kowesifazane waKwaZulu-Natal osolwa ngokulaxaza izingane zakhe ezine. Laba bafana abaneminyaka ephakathi kuka-10 no-16 bathathwe ngomakhelwane oThulini kuMasipala waseMvoti.
Okwamanje akwaziwa ukuthi izingane zasala dengwane isikhathi esingakanani.
Omakhelwane bangenelele ngemuva kokwesaba ukuthi umuzi wakubo kwalezi zingane obhidlikayo ungase uwele phezu kwazo.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Mbali Shinga nezikhulu zomnyango wakhe bangenelele ngempelasonto.
UShigna uthi unina wabafana ubesahola izibonelelo zengane ngemuva kokunyamalala.
Umnyango usebenzisane ne-SASSA ukumisa izinkokhelo kuze kube kuqashwa umqaphi ofanele.
UShinga uthi basezinhlelweni zokuthutha izingane ziyiswe esikhungweni lapho zizobe ziphephile futhi zinakekelwe khona.
Uthi baphinde basebenzisana namaphoyisa ukuze kutholakale umama.
“Abazali noma ababheki abangazibophezeli kufanele babhukule baqinise umthetho, sivakashele ngaphandle kwezinhlelo ukuze siqinisekise ukuphepha nenhlalakahle yazo zonke izingane nabantu abadala ezikhungweni zethu ngisho kweminye imizi. kuzoba ibhizinisi njengenjwayelo Sifuna ukubuyisa isithunzi sabantu.”
Siyabonga ku ngqongqoshe namaphoyisa nompakathi. Asibuye isthunzi kubantu.