NgoJulayi kuphela, abezicishamlilo KwaZulu-Natal babhekane nemililo elinganiselwa ku-600, njengoba kubika iKwaZulu-Natal Fire Protection Association.
“Asikaze sizibone izimo ezifana nalezi eminyakeni emihlanu kuya kweyisithupha edlule, njengoba komile futhi kufudumele,” kusho uSimon Thomas walo soseshini.
Imililo ecekele phansi idlule nemiphefumulo engu-14 ngenyanga edlule. UThomas uphinde wabika ngokulahleka okukhulu okungaphezu kokulimala kwabantu.
“Silahlekelwe ngamahektha angaphansi kuka-30,000. Kube nokulahlekelwa kwemfuyo engu-574, futhi sasebenzisa izinsiza zabanikazi bomhlaba abangu-2,704, okuhlanganisa izicishamlilo eziqeqeshiwe, abanikazi bezindawo, amahlathi nabalimi,” esho. “Sithumele amabhanoyi kuleyo mililo angu-42. Izindleko zokucisha umlilo zifinyelele ku-R10 million wezimpahla zabanikazi bomhlaba kanye no-R10 million wezinsiza zesifundazwe.”
Izifunda iSilo uCetshwayo, uThukela, iZululand, iLembe, Ugu, noMgungundlovu zibalwa nezikhahlamezeke kakhulu.
UThomas waxwayisa ngokuthi ingozi isekude ukuphela.
“Le mililo ibhebhetheka ngokushesha ngaphansi kwezimo ezimbi kakhulu zamanje. Ungaqali umlilo ongakwazi ukuwulawula. Sisabhekene nezimo ezimbi kakhulu, futhi izibikezelo zibikezela isimo sezulu esifudumele, nakuba imvula ilindelekile,” waxwayisa.