ISouth African Prisoners Organisation ithi izinto ezitholakala eziboshweni emajele ezingekho emthethweni emva kokugasela kwamaphoysa kuseshwa, kungenze zibuyele futhi phakathi emajele. UMiles Bhudu, okhulumela iSAPOHR ubuze ukuthi kwenzakalani ngalempahla uma isithathiwe..
“Akukaze kuvezwe, lapho la maselula, izidakamizwa noma izikhali zifakwa emlilweni zishiswe zibe umlotha. Ngokwesipiliyoni sami sasejele ezinye zalezi zimpahla nezidakamizwa zibuyela khona ezitokisini.”
NgoLwesine, uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, kanye namaphoyisa, bashaqe amafoni, ama-wifi routers, izidakamizwa nemali yeziboshwa ejele laseWestville eThekwini.
UBhudu uthi ukugasela emajele kuveza izimpawu zezinkinga ezisemajele.
Uthi uMnyango kufanele usebenzisane nenhlangano yabo ukuze kulungiswe izinkinga ezikhungethe ezikhungweni zokuhlunyeleliswa kwezimilo.
“Njengenhlangano sizokulwela ukuthi uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ufeze umsebenzi wawo, okusho ukuthi, uma ulapho futhi udonsa isigwebo, ngecala olenzile, kuzodingeka ukuthi uzwe ukuthi uboshiwe futhi udonse kanzima.”
Lento yenombolo ayivalwe emajele ngoba yiyo leyenza kube neziboshwa okuba sengathi yizo eziphethe ijele, ziyabulala,zifuna izinto kwezinye iziboshwa ngenkani lapho sekuzophoqa esinye isiboshwa ukuthi sicele izinto kubantu abangaphandle🇿🇦✍️