Owesilisa obe ngowokuqala ukufakelwa izinso zengulube ushone cishe ezinyangeni ezimbili ngemuva kokufakelwa. URichard “Rick” Slayman, 62, uthole ukufakelwa izinso yengulube eyashintshwa ngofuzo ngesikhathi ehlinzwa amahora amane ngoMashi 16. Ithimba labahlinzekiwe esibhedlela esitatimendeni…
KUBOSHWE ABANE NGOKUQOLA ISIKHWAMA SESIBONELELO SE-COVID-19
Abasolwa abane badedelwe ngebheyili ngezinsolo zokubandakanyeka enkohlakalweni ye-Temporary Employer or Employee Relief Scheme (TERS) e-Eastern Cape naseFree State. Lokhu kuza ngemuva kokuthi bevele ezinkantolo ezahlukene kulandela ukuboshwa kwabo ngo-Ephreli. I-Special Investigating Unit…
INHLANGANO YEZIBHEDLELA ITHI KUYIHPUTHA ELIKHULU UUPHASISWA KWE-NHI
I-Hospital Association of South Africa ithi ihlale ikweseka ukutholakala kokunakekelwa kwezempilo emhlabeni wonke, kodwa ukusayina uMthethosivivinywa we-NHI ube umthetho kungaba yiphutha. Ingeze izwi layo ekukhathazekeni okukhulayo okuvela ezinhlanganweni zezokwelapha, izinhlangano zomphakathi, kanye…
UZOGWETSHWA NAMHLANJE UMSHAYELI WELOLI ELABULALA ABANGU 20 OPHONGOLO
INkantolo eNkulu ehleli oPhongolo izokhipha isigwebo sayo ngoLwesithathu ecaleni elibhekene nomshayeli weloli olahlwe amacala angu-20 okubulala.USibusiso Siyaya wayehamba ngeleloli lamalahle elagibela phezu kweveni elithwala izingane zesikole eminyakeni emibili edlule. Izingane ezingu-18, umsizi…
SETHIWE NGESISHOSHOVU SOMZABALAZO ISIBHEDLELA IKING EDWARD
Umnyango wezempilo kwaZulu-Natal ube nomcimbi wokuqamba kabusha isibhedlela ebesaziwa nge King Edward. UNgqongqoshe wezempilo uNkk Nomagugu Simelane wembule ngokusemthethweni igama lesibhedlela osekuzokuba iVictoria Mxenge. Umama uVictoria wayengumhlengikaze obelethisayo wadutshulwa wabulwa ebuya emhlanganweni…
AMAKHOSI ABONGA UKUBA YINXENYE YOMHLANGANO WOMKHANDLU UTHUKELA
Amakhosi ngaphansi kwesifunda uThukela ayinxenye yezihambeli zomhlangano wezinsuku ezimbili ohlelwe umkhandlu uThukela. Lomhlanango uhlose ukuletha izixazululo ngenkinga yamanzi ekhungethe isifunda sasoThukela. Kanti uvulwe umeya womkhandlu iNkosi Ntandoyenkosi Shabalala lapho ethe ukungenelela kuka…
KUMISWE IZIKHULU EZIPHEZULU EMANGOSUTHU UNIVERSITY
Kumiswe lowo olibamba likaThishanhloko kanye neMenenja ehhovisini lakhe esikhungweni semfundo ephakeme esiseMlaza iMangosuthu University. Lezi zikhulu ngokwesitatimende ebesiqondiswe kubasebenzi kanye nabafundi balesikhungo sidalule ukuthi kunezinsolo ezinzima ababhekene nazo ezingathunaza isithunzi sesikhungo. Sibika…
ABENEME OMACAPHUNA KUSALE NGOKUPHASISWA KOMTHETHO WENATIONAL HEALTH INSURANCE
Selizwakalise ukungenami iningi lomacaphuna kusale ngokuphasiswa komthetho ozolinganisa wonke umuntu wakuleli ngakwezempilo owaziwa neNational Health Insurance. Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule ihhovisi likamengameli wakuleli limemezele ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa uzosayinda umthetho sivivinywa owaziwa ngele-NHI…
I-ACTION SA IFUNA KWAKHIWE KABUSHA IDOLOBHA LASEMNAMBITHI
Iqembu I-Action SA KwaZulu-Natal lishaya amakhala ngokungathuthuki kwedolobha lase Mnambithi nokungabi nengqalasizinda eseqophelweni elifanele. Amalunga eActionSA aphume umkhankaso wokunxenxa amavoti njengoba kusele izinsuku eziyishumi nanhlanu ngaphambi kokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe. Umholi we ActionSA…
KUXWAYISWA NGESIFO IMONKEY POX EMVA KOKUTHOLAKALA KOYEDWA ONASO EGAUTENG
UNqongqoshe wezempilo kuleli uMnu Joe Phahla uxwayisa abakuleli ngesifo seMonkypox. Lokhu kuza ngemuva kohlolwa kwesiguli esineminyaka engu 35 saseGauteng satholakala sinalesifo. lesi siguli saqale sahlolwa ngabeLancet Laboratory, okuthe ngokuhamba kwesikhathi kwaqinisekiswa yiNational…
WENYUKILE UMTHAMO KAGESI KULELI
UNgqongqoshe wezogesi uKgosientsho Ramakgopa usememezele ukuthi umthamo wamandla kagesi usungu 70.78% okuyizinga eliphezulu elagcina ukwenzeka ngonyaka ka2021. UNgqongqoshe uthi lomphumela omuhle kangaka wenziwe ngukusebenza ngokuzikhanda kwabasebenzi bakwaEskom lokhu kuzokwenza ube mncane uDizili…
KUBOSHWE UMLISA NEMPAHLA YOKWEBIWA ENGABIZA UR14 000 ENEWCASTLE
Kuboshwe owesilisa otholakale nezimpahla ezebiwe zenani lika-R14 000 ngesikhathi abomthetho belandela imininingwane kulandela isigameko sokugetshengwa kuhlonyiwe enkabeni yedolobha laseNewcastle ngenyanga edlule. U-Imran Ghafoor, weNewcastle Crime Fighters Task Team, uthe yena nethimba lakhe…