UNqongqoshe wezempilo kuleli uMnu Joe Phahla uxwayisa abakuleli ngesifo seMonkypox.
Lokhu kuza ngemuva kohlolwa kwesiguli esineminyaka engu 35 saseGauteng satholakala sinalesifo. lesi siguli saqale sahlolwa ngabeLancet Laboratory, okuthe ngokuhamba kwesikhathi kwaqinisekiswa yiNational Institute for Communicable Diseases (NICD) yabe isibikela umnyango ngokushesha.
Ngokomnyango abantu abaningi bayelulama ngokugcwele kodwa abanye bayagula kakhulu.
Uphenyo lokuqala kanye nombiko wophenyo ngalesi siguli ukhombisa ukuthi asinawo umlando wakamuva wokuhambela amazwe ahlangabezane nokuqubuka kwalesi sifo kakhulu.
IMonkeyPox akusiso isifo esithelelanayo kakhulu, izimpawu zaso zihlanganisa umkhuhlane ohambisana namaqhutshana anjenge-rash emzimbeni.
Okhulumela umnyango wezempilo uMnu Foster Mohale uthi” lesifo asijwayele ukubulalana sidinga ukwelashwa nje okungenzeka kuthathe isonto kuya kwamabili okuyaye kungadingi umuntu aze alale esibhedlela kodwa kungadinga ukuthi umuntu ahlale ngayedwana aze alapheke”.