Amakhosi ngaphansi kwesifunda uThukela ayinxenye yezihambeli zomhlangano wezinsuku ezimbili ohlelwe umkhandlu uThukela.
Lomhlanango uhlose ukuletha izixazululo ngenkinga yamanzi ekhungethe isifunda sasoThukela.
Kanti uvulwe umeya womkhandlu iNkosi Ntandoyenkosi Shabalala lapho ethe ukungenelela kuka ngqongqoshe wezamanzi nokuthuthwa kwendle enkingeni yamanzi akusho ukuthi usubaphuce umvume yokuphakela ngamanzi nokuthuthwa kwendle njengo mkhandlu.
Uthi inhloso ukulekelela ukuze intuthuko izofika masinyane kubantu hhayi ngoba sebephucwa amandla kodwa ukuletha intuthuko ebantwini.
Emasontweni endlule ungqongqoshe uMnuz Senzo Mchunu ngesikhathi ekhuluma nomphakathi wase Zakheni wakubeka kwaba sobala ukuthi wonke amandla okuphakwelwa kwamanzi oThukela sekusezandleni zakhe futhi uMngeni -uThukela Water yilo elizokwenza umsebenzi wokuphakela amanzi nokulungiswa kwendle.
Usihlalo wamakhosi oThukela inkosi uNgqayizivele Sithole ubonge umkhandlu ngokubambisana namakhosi nokuwamema ukuthi abe yinxenye emhlanganweni wokubonisana ukuze kuphume nezisombululo kulenkinga yamanzi.
Nokuzwa ezinye izinhlelo zomkhandlu nenqubekela phambili yomkhandlu.