Amaphoyisa aphume umkhankaso endaweni yase-Esdakeni emsinga, nalapho kuboshwe khona owesifazane oneminyaka engu-25 ubudala.Amaphoyisa abophe owesifazane waseMsinga otholwe nesibhamu i-AK-47, isibhamu nezinhlamvu ezingu-105 okungekho emthethweni. Umsolwa uboshwe ngoLwesine olwedlule njengengxenye yeNational Intervention Operation…
BAPHUTHUNYISWE ESIBHEDLELA ABASEBENZI BENKONTILEKA KU-N3 EMVA KOKUCHITHEKA KOKETSHEZI OLUYINGOZI
Kudingeke ukuthi abasebenzi abathathu benkontileka bayiswe esibhedlela ngemuva kokuchitheka kwamakhemikhali ku-N3. Ukuchitheka kwe-hydrochloric acid kwenzeke ngasohlangothini lwaseThekwini eduze kwaseSpaghetti Junction ngoLwesihlanu ekuseni, kodwa kwaqubuka inkungu yekhemikhali yasabalala nhlangothi zombili zomzila. Amakhonteyina amabili…
ASEFUNGISIWE AMALUNGU EPHALAMENDE LIKAZWELONKE
Amalungu Amasha EPhalamende afungise ukusebenza emhlanganweni wokuqala wesiGungu Sikazwelonke. Emaqenjini angu-18 akuhulumeni wesikhombisa, angu-11 abuyayo, amanye ayisikhombisa azobe emelwe okokuqala ePhalamende. UChief Justice Raymond Zondo uyena ophethe lesi sigungu lapho kuzokhethwa khona…
OWOKUFIKA UDUBULE WABULALA UMAMA NENDODANA E-DUNDEE
Usashaqekile umphakathi waseSbongile eDendee ngemuva kudutshulwa kubulawa umama nendodana ngowokufika kubangwa imali yemoto. Ngesonto eledlule uNkk Ntombifuthi Buthelezi nendodana yakhe uMncedisi Buthelezi badutshulwa babulawa endaweni yokusebenzela yalomlisa beyofuna imali ababethenge ngayo imoto….
UMNYANGO UPHIKA IPHEPHA LEZIVIVINYO ELINEMIBUZO NGOSKOMOTA
Ngemuva kokuvela kwephepha lemibuzo elinesihloko ngomdansi uSkomota, uMnyango wezeMfundo uthe lo mbhalo ubungenziwa kalula. Izolo kuvele iphepha lemibuzo elinesithombe sikaSkomota esisetshenziswe njengesibonelo. Iphepha lemibuzo yezobuciko ngaphansi komdanso esifundweni seLife Orientation likhombise izithombe…
ZISHE ZANGQONGQA IZINGANE EZIMBILI EMVA KOKUQUBUKA KOMLILO ZISELE ZODWA EMJONDOLO
Udonsa kanzima umama wezingane ezimbili ezishe zangqongqa ngemuva kwezinsolo zokuthi zishiywe umjondolo ngumzanyana wazo. “Namanje angikkholwa. Kuncono ukube uNkulunkulu nami ungithathile,” kusho uMaria Tembe ehlengezela izinyembezi. UMira Tembe, 4, kanye nomfowabo u-Armando,…
APHELILE AMATHEMBA EBAROKA OKWENYUKELA ESIGABENI SE-PSL
USIHLALO weBaroka FC, uKhurishi Mphahlele, ukholelwa ukuthi ezakhe zisasemjahweni wokukhuphukela phezulu yize zihlulekile ukuwina imidlalo emithathu edlalwe kuze kube manje. Leli qembu elizinze eLimpopo lidlale ngokulingana ngo 1-1 ne-University of Pretoria FC…
ZIYAQINA IZINDABA ZOKUTHI KUPHELILE NGE SWALLOWS KU-PSL
Amanye amaqembu azama ngayo yonke indlela, alwa kuze kuphuke amaqakala abafana elwela ukuyo ngena ku Premier Soccer League, kanti amanye avele athi thina sinemali sizokhokha. Ezakamuva nje zithi kuphelile ngeqembu elithathwa njengamakhulu…
UBALELWA KU R1.3 BILLION UMONAKALO ODALWE YISISHINGISHANE OTHONGATHI
Uhulumeni waKwaZulu-Natal ulinganisela ukuthi umonakalo wengqalasizinda ngemuva kweziphepho ezamehlela ngesonto eledlule ungaphezu kuka-R1.3 billion. Okungenani omasipala bezifunda ezinhlanu esifundazweni bahlaselwe yizimvula ezinamandla kanye nomoya ngoLwesibili. Lokhu kuholele ekufeni kwabantu abangu-12, kulimale amakhaya…
SEKUDLULE EMHLABENI OYEDWA EGAUTENG NGENXA YEMONKEY POX
UMnyango wezeMpilo ukuqinisekisile ukushona komuntu oyedwa okutholakale ukuthi uneMpox. UNgqongqoshe Wezempilo uJoe Phaahla ubikele abezindaba ePitoli ngoLwesithathu ekuseni ngokuqubuka kwalesi sifo (esasaziwa ngelenkawu). UPhaahla uthe amacala amathathu aseqinisekisiwe eThekwini namabili eGauteng. Zonke…
INKANTOLO ICHITHE ISICELO SIKAKHUMALO SOKUBUYISELWA NJENGOMHOLI WE-MK
INkantolo yezoKhetho isichithile isicelo sikaJabulani Khumalo sokuthi abuyiselwe esikhundleni sakhe njengomholi weqembu loMkhonto weSizwe. Esicelweni sakhe eNkantolo yezoKhetho, uKhumalo uveze ukuthi uMnuz Duduzile Zuma-Sambudla we-MK wenza umgunyathi ukuze azise ikhomishini ukuthi usesulile…
ILELE ISIBILI IBAFANA KWEYOKUHLUNGELA EYOMHLABA
Ivale ngenothi eliphezulu ibafana ishaya omakhelwane bethu okuyi Zimbabwe ngo 3-1 kweyokuhlungela indebe yomhlaba izolo kusihlwa e Free State Stadium. Lemidlalo iyoze iqhubeke ngonyaka ozayo ngo March nalapho esizodlala khona Imidlalo 2…