Udonsa kanzima umama wezingane ezimbili ezishe zangqongqa ngemuva kwezinsolo zokuthi zishiywe umjondolo ngumzanyana wazo.
“Namanje angikkholwa. Kuncono ukube uNkulunkulu nami ungithathile,” kusho uMaria Tembe ehlengezela izinyembezi.
UMira Tembe, 4, kanye nomfowabo u-Armando, 3, bashiswe emjondolo eTamboville eWattville, eKurhuleni, ngezithuba zabo-16:00 ngeSonto ngemuva kokuba umzanyana wabo ebashiye bodwa emjondolo okhiyiwe.
Lo mlilo wenzeke ngemuva kwehora uTembe eshiye izingane zakhe ngaphansi komzanyana. Ngokusho kwamaphoyisa, uTembe ushiye izingane zakhe ezimbili nomzanyana wazo ngeSonto ngabo-3 ntambama.
Okhulumela amaphoyisa uCapt Neldah Sekgobela uthe umzanyana uphume wayothenga ukudla. “Uthe uma ebuya wathola kusha umjondolo. Lezi zingane ezimbili kuthiwa zishonile kanti umgadi oneminyaka engu-45 ubudala waboshelwa ukunganakekeli izingane.”
UTembe, odonsa kanzima ngezinhlelo zomngcwabo, usenxuse ukuthi asizwe ukuze kungcwatshwe izingane zakhe.
“Asinalutho, anginalutho. Angazi ngizokwenzenjani, ngifuna ukungcwaba izingane zami kuphela. Ngidinga usizo lokungcwaba izingane zami, ngizobona [kwabanye] emva kwalokho. Anginawo amandla, anginalutho,” kusho yena.
Umholi womphakathi uVictor Khoza uthe bayazama ukusiza uTembe.
“Siyazama ukusiza ukuze izingane zingcwatshwe. Basemakhazeni kahulumeni. Umama uphatheke kabi, akakwazi nokukhuluma, ufuna izimpendulo ngokwenzeka ezinganeni zakhe.” UKhoza uthi umzanyana ubevame ukushiya izingane zodwa emjondolo.
Ngelanga lesigameko wabuya wathola usha umjondolo namalungu omphakathi edonsa kanzima ukubhula umlilo, esho.
UKhoza uthe umzanyana waseZimbabwe ukhokhelwa u-R500 njalo ngoMgqibelo ngumama ukuze agade izingane.
Abazimisele ngokusiza ngokungcwaba noma ngeminikelo bangathinta uKhoza ku-063 583 3550.