Usashaqekile umphakathi waseSbongile eDendee ngemuva kudutshulwa kubulawa umama nendodana ngowokufika kubangwa imali yemoto.
Ngesonto eledlule uNkk Ntombifuthi Buthelezi nendodana yakhe uMncedisi Buthelezi badutshulwa babulawa endaweni yokusebenzela yalomlisa beyofuna imali ababethenge ngayo imoto.
UNkk Buthelezi wathenga imoto kulona wesilisa kodwa lutho ukuyithola. Bese kuphele isikhathi eside kwathi ngesonto eledlule wabe esenquma ukuyofuna imali athenga ngayo ngoba kwase kucacile imoto angeke asayithola.
UMama wahamba nezingane bagasela endaweni yalomlisa yokusebenzela ukuyolanda yona belu imali, bathi uma befika umama wabe esesondela kulomlisa lomlisa akachithanga sikhathi wadubula ebhekise kumama, ingane yakhe yomfana yabona kudutshulwa unina yasondela nayo wayidubula , wabe esedubula nale yesithathu kodwa yona yakhona ukucasha kuyo lendawo nalapho yakhona ukuphunyuka yabe isibiza amaphoyisa.
Amaphoyisa afika esigamekweni athola lowesilisa esebafake koPlastic abamnyaba esethi uyobalahla laba ababili zabe sezimkhalela.
Uvelile enkantolo wanqaba ukufaka ibheyili ngoba esabela impilo yakhe emvakokuba umphakathi ubuthutheleke enkantolo uthukuthele uzingovolo.
Icala lakhe lihlehliselwe inyanga umhlaka 15 ngenyanga ezayo.