Amaphoyisa asethole iziqhumane ezebiwe ezibiza isizumbulu sika R4 million ethempeleni, ePhoenix. Ithimba leMetro Police Drug Team, i-SAPS eThekwini Infrastructure Task Team kanye neCrime Intelligence babika ukuthi bebelandela umkhondo emva kokugetshengwa kwebhizinisi eCamperdown…
UHLABISA UFUNA IZIPHAZA ZIBUYISELWE KUBANTU BAKULELI
UMENGAMELI weNkatha Freedom Party (IFP) uMnuz Velenkosini Hlabisa uthi kumele kungenelelwe ngokushesha ukuze kuqinisekiswe ukuthi amabhizinisi espaza abuyela kubantu baseNingizimu Afrika. UHlabisa ubekhuluma nabezindaba engesikhathi i-IFP ibungaza izinsuku eziyi-100 zoHulumeni Wobumbano Lwesizwe…
U-ESKOM UNXUSA AMAKHASIMENDE ASEBENZISA UGESI WKHADI UKUTHI BAFAKE AMA-CODE AMASHA ZINGAKASHAYI IZI-24 KULWEZI
U-Eskom’ usenxuse amakhasimende kagesi wekhadi ukuthi afake amakhodi amasha okuthenga amamitha awo.Umbuso uxwayise ngokuthi amamitha angakabuyekezwa ngomhla ka-24 November ngeke esakhona ukwamukela amathokheni amasha kakgesi. Inqubo yokufaka amakhodi kabusha ithinta cishe amamitha…
LIHLEHLILE ICALA LOWESIMAME OSOLWA NGOKUTHENGELA INGANE YAKHE INKABI EMNAMBITHI
Lihlehlisiwe icala lowesifazane osolwa ngokwakha itulo lokusoconga ingane yakhe ayizalayo kubangwa amafa. UNkosikazi Sindisiwe Ngema wasendaweni yasePhayikeni eMnambithi uvele kafushane namuhla enkantolo kaMantshi edolobheni eMnambithi ngecala lokuzama ukubulala uZanokuhle Sibeko nokuyingane yakhe….
SIYAKHATHAZA ISIBALO SABESILISA ABASEBANCANE ABANGENWA YIGCIWANE LE-HIV E-KZN
I-NPO yendawo ithi siyashaqisa isibalo sezinsizwa ezithola igciwane lengculazi KwaZulu-Natal. Umbiko wakamuva weSA National AIDS Council uveze ukuthi zingaphezu kwenkulungwane izinsizwa ezitholakala zinaleli gciwane masonto onke. Imibiko ithi isibalo senyukile kwabesilisa abasukela…
ISILILO ABASEBENZI BENGASALAZI IHOLO E-EXCLUSIVE LIFESTYLE EMTSHEZI
Sibi isimo kubasebenzi base Exclusive lifestyle eMtshezi okuyindawo ethengisa utshwala kanye nokudla engase Golf Club ngaseThekwini Rank edolobheni. Lelibhizinisi kuthiwa yavulwa ngonyaka ka2021 livule amathuba omsebenzi kubantu bendawo. Omunye wabasebenzi uthinte uThukela…
UMNYANGO WEZOKUTHUTHA UKHOMBA NGENJUMBANE UPHUZO OLUDAKAYO NJENGEMBANGELA YEZINGOZI EZINYANTISAYO E-KZN
Izikhulu zezokuthutha KwaZulu-Natal zithi sekuyisikhathi sokuthi kushintshwe imiqondo mayelana notshwala nokushayela ikakhulukazi entsheni. Umnyango ubuphawula nge-video ekhombisa izinsizwa eziyisishiyagalombili zilungiselela ukuyozijuxuza ngesonto eledlule. Okhulumela uMnyango wezokuThutha, uNdabezinhle Sibiya, uthi lesi siqeshana esisabalale…
I-MUT ITHI IYALUPHENYA UDABA LWEZINSOLO ZOKUTHI KUNOTHISHA OLALA NABAFUNDI UKUZE ABAPHE AMAMAKI
IMangosuthu University of Technology ithi ngeke ikwazi ukukhipha imininingwane ngophenyo lwayo mayelana nezinsolo zokuthi kukhona abasebenzi abathembisa abafundi amamaki amahle inqobo nje uma belala nabo. Ukuqinisekisile nokho ukuthi uthisha osaphenywa umisiwe ngemuva…
KUKHONA NOWABULALA IPHOYISA KUBALISA ABABOSHELWE ISIGAMEKO SASELUSIKISIKI
Kuboshwe abantu abane mayelana nesigameko sokudubula esenzeka eLusikisiki, e-Eastern Cape, lapho kwabulawa khona abantu abangu-18 emasontweni amabili edlule. UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola umemezele ukuthi ukuboshwa kwabasolwa kwenzeke engakapheli amahora angu-24…
ATHENGISWA UDEDE AMAKHEKHE ATHAKWE NGENSANGU EDOLOBHNI EBERGVILLE
Ukhala ezimathonsi umphakathi owakhele idolobha iBergville ngokudayiswa kwamakhekhe athakwe ngensangu ( Space Muffin) kuleliyadolobha. Isakhamuzi esingathandanga ukuthi sidalulwe igama laso sichazele intatheli yephephandaba ngokuthi kuleliyadolobha sekudayiswa bukhoma loluhlobo lamakhekhe okuthi ungalidla nje…
UMcKENZIE UTHI ABANTU BANGALINGE BAMFANISE NOMAMA JOY
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uGayton McKenzie uthi imali engu-R800 000 esetshenziswe ngohambo lwakhe lokuya kuma-Olympics eParis, eFrance ingaphakathi kwemigomo yemali okumele isetshenziswe ongqongqoshe. Kube nezikhalo ngemali eningi esetshenziswe kulolu hambo. UMcKenzie uthi…
KUBOSHWE ABANE KUSHAQWA IZIMPAHLA ZIMKOKOTELO ETHEKWINI
KUBOSHWE abantu abane ngemuva kokushaqwa kwezimpahla zomkokotelo ezingabiza u-R15 million enkabeni yeTheku. Amaphoyisa agasele ezitolo eziningi kuDr Pixley kaSeme Street ePhoyinti ngoLwesine. Okhulumela amaphoyisa e-KZN, uRobert Netshiunda, uthe kuyingxenye yomkhankaso oqhubekayo. “Amaphoyisa…